SHEILA MHLONGO
Isenzo sowesifazane sokushaya umshayeli wetekisi okuyinto ebonakale ezinkundleni zokuxhumana ngesonto eledlule sicanule abantu abaningi besho nokuthi ukuba bekunguyena wesifazane obeshaywa ngabe umshayeli wetekisi ulale ejele ikakhulukazi njengoba kuyisikhathi lapho kuqhutshwa khona umkhankaso wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane phecelezi (16 Days of Activism for no Violence Against Women and Children.)
ULinda Mpisane obonakele kwivideo ebizungeza ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ekuseni eshaywa owesifazane. Kuvele ukuthi lona wesifazane obebonakala ethelwe ngezibonkolo igama lakhe uThuso Khumalo.
UMpisane uphenduke ihlaya ngoba ubelokhu ethibile engaziphindiseli ngisho lentokazi imthethisa imshaya ize imkhahlele, kulesisehlakalo esenzeke ezimpambanweni zomgwaqo uCorner House no Ridge Road eMhlanga, eThekwini.
Ngesikhathi sesigameko amarobhothi abengasebenzi, kanti umshayeli uthi ube esephuthuma ezama ukweqa masinyane amarobhothi kanti nemonto yentokazi nayo ibiphuthuma ukweqa wona amarobhothi okuyisona sikhathi lapho zidibene khona izimoto.
Abesifazane abebebukela bezwakale bechwaza umsindo bekhombisa ukusijabulela lesisenzo sokushaywa komshayeli bethi intokazi ayishaye impela.
Umshayeli uzwakalise ukuthi emva kwalesigameko sokushaywa kwakhe akubanga lula ukuthi avule icala ngoba iphoyisa lesifazane lase Durban North lithe asikho isidingo sakho njengoba ubengenazo izimpawu zokulimala kodwa wathi emva kokuthola ukukhuthazwa ubuye waphindela wakwazi ukulivula icala.
Abalandeli bekhasi likaFacebook le post cast affirmation bazwakalise imibono engafani njengoba uNosipho Zuma yena ebeke wathi,Kuncane okwenziwe ilosisi kunalokhu obekungenzeka ngenxa yokushayel budedengu kwalo bhuti.
UMteemcool sa yena ubeke wathi;Sithokoze kulensizwa ngokuzehlisa kwayo hhayi ngoba iligwala kepha ngoba icabangela ikusasa layo, kodwake imoto ubesezoyilungisa yena ngoba esemshayile nje
UCebo Thusi yena ubeke wathi;Lento eyenziwa ilosisi iwubulima obuphindeke kaningi, ngoba uma imoto shayisa eyakho wena oshayisiwe kumele uthathe izithombe zesimo sengozi kanye nezithombe zama Licence Disks, Number plate yemoto yomshayeli, ilicence yomshayeli, inombolo yepasi , bese ubiza maphoyisa emva kwalokho.