SHEILA MHLONGO
UNgongqoshe wezamaPhoyisa kuleli, uGeneral Bheki Cele usekhiphe isiqinisekiso sokuthi ezomthetho zizobe ziqine kakhulu kulamaholidi okuphela konyakana. Lokhu uCele ukusho ngeSonto lomhlaka 10 Disemba lapho ebememezela khona mayelana nesu lohlelo oluzosetshenziswa abombutho wezamaPhoyisa (SAPS)
“Isikhathi samaholidi okuphela konyaka sibi kakhulu ngoba izigebengu nazo ilapho ziqinisa khona amaqhinga kanye nomkhankaso wazo kanye nokwehla kwenyuka kwabantu befuduka beyokweqa imingcele yezwe”kusho uCele phambi kwabezindaba abebethamele isithangami sokucacisa uhlelo lwamaphoyisa.
Eqhuba uCele uthe umbutho wamaPhoyisa uzoqinisa nakakhulu ukunqanda nokulwa nezenzo zobugebengu obunendluzula ezweni.
“Ezinsukwini ezizayo umbutho wamaPhoyisa uzoqinnisa kakhulu isandla njengoba samukele amalunga ombutho amasha abalelwa ku 10,000”. Kuchaza uCele, oqhube wathi i2023 Project 10K ihambisana nekhwelo elashaywa uMengameli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa lokuthi kumele kuqiniswe ezokuphepha kuleli kuphinde kuqiniswe ukuthi amaphoyisa abonakale kakhulu emphakathini okuyingakho bemukele izicelo ezibalelwa ku 600,000 .SANews.gov.za


