SHEILA MHLONGO
USanele Bonga Gumede (18) odume ngelika Man G S.A owenza umculo weHip hop, ungowokuzalwa eThekwini KwaMashu naseBhamshela.Uqale ukungena endimeni yomculo ngo2015. Kanti usakhiphe ama single track kuphela okuyiyona ndlela asphusha ngayo kulomkhakha
Kulonyaka usebenzela phezu kwe EP enezingoma eziyisikhombisa kanti uphethe amaciko ahlukahlukene kulomsebenzi asebenza nawo. Inhloso ngale EP ukujabulisa wonke umuntu othanda umculo ingakho exube amaciko ukuze lomsebenzi uzothandwa ibonabonke abalandeli bomculo
Uthi ufisa ukuthola ama bookings ukuze akwazi ukuthi umsebenzi wakhe waziwe ngabantu abaningi naye avelele ebantwini ngaleyondlela ezokwazi nokuthola abalandeli abazowuthanda umculo wakhe.
USanele uyatholakala ku Facebook u Man G S.A kulapho bengaxhumana naye khona ukuze bekwazi ukuthola umsebenzi wakhe knye naku WhatsApp number:076 765 4329
Facebook:Man G S.A