Sanbonani bantu bakithi ngiyabingelela kwelengabade. Enyangeni yothando ngicela ukukhuthaza izithandani nabo bonke abantu . Lenyanga igujwa njengenyanga yothando ngoba kukhona iqhawe labefundisi basemaromeni elagunyaza imishado eyayikade isivaliwe lase liyabulawa ngomhla zilishumi nane kunhlolanja okuyinyanga thina sizwe esimnyama esiyazi ngenyanga yokulandelana kwezinja kodwa kwasekuthiwa yinyanga yokubonisana uthando ngokuthengelana izipho .
Ngithi anginikhuthaze bantu bakithi bonke esibathandayo masibabonise uthando sibaphe izipho . Isipho noma sisincane kodwa samukelekile uma siphume enhliziyweni kanti ukuthengela isthandwa sakho isipho kumenza azizwe ebalulekile empilweni yakho . Sizwe sakithi isipho sothando asiyi ngobulili akekho ofanelwe ukwamukela angakhiphi yingakho sonke abesilisa nabesifazane masikwenze sibonisane uthando . Samukelekile isipho noma singathengwe ngenani eliphezulu noma sisincane kodwa nje uma siphume enhliziyweni .
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare