Amaqembu ezepolitiki kumele akuqonde ukuthi ukususa iqembu elibusayo emandleni angeke kuwenze umlingo wokulungisa lelizwe.

Kulamaqembu ezepolitiki amaningi kangaka abalelwa ku 350 aphokophele ukungenela ukhetho ukuze athole ithuba lokungena emandleni ombuso amanye ngenhloso yokugudluza iqembu elibusayo. Elami lithi iqembu lepolitiki lilodwa ayikho into embi elingayenza kodwa kunalokho abantu abasuke bekulo ibona abenza okuphambene nemigomo yeqembu.

Lokhu ngikusho ngoba  nakulo iqembu elibusayo leAfrican National Congress (ANC) lasungulwa ngezinhloso ezinhle zokukhulula abantu engcindezelweni yombuso wabamhlophe owabe ukhungethwe ukubandlulula umuntu omnyama.

Ngakho ngesikhathi lithatha izintambo zombuso nalo lalinemigomo emihle kakhulu yokubusa leli ngendlela ehambisana nomthethosisekelo walelizwe laphinda lazibophezela ukwenza konke okusemandleni ukuthi lidale ushintsho ezimpilweni zawowonke umuntu wakuleli laseNingizimu Afrika.

Nangempela ngonyaka ka 1994 waqala umbuso weANC ngesikhathi lowo owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi,  uMnu. Nelson Mandela, ethatha isikhundla sakhe. Impela kwaba kuhle wonke umuntu wajabula ngoba nemigomo yokubusa izwe yayimihle kakhulu.

Yebo ngeqiniso sikubonile okuhle okwenziwe uhulumeni kokuguqula izimpilo zabantu ababecindezelwe ngaphambili ziba ngcono, izinto eziningi zashintsha.

Okuhle esikubonile ukubala nje okumbalwa;amathuba emfundo  engcono kubobonke abantu ngaphandle kokucwaswa, ukwakhiwa kwezindlu, ukufakelwa kwemizi eminingi ugesi, ukuhlala noma ikuphi lapho umuntu ethanda khona ngaphandle kokubandlululwa, ukuphela kwemithetho ecwasa abantu ngokwenkolo, ubulili, ngokwebala, amathuba angcono emisebenzi, kanye nokunye okuningi.

Bangena bededelana oMengameli emva kuka Mengameli ongasekho uMandela, kwalandela uMnu Thabo Mbeki, naye waphuma kwangena uMnu Jacob Zuma naye waphuma, kwangena uMnu Cyril Ramaphosa lona okhona njengamanje, kodwa osephenduke isitha kwabanye ngenxa yezimo ezenzeka kuleli asolwa ngokuba umdali wazo.

Ngaphandle kokubala izimo ezingezinhle ezenzeke kulesikhathi sikaRamaphosa, okuyikho okubonakala sekuqubule ukuqanjwa kwamaqembu amaningi ngendlela edida ikhanda kwamaqembu ezepolitiki. Iqiniso limi lithi awukho umlingo oyoshintsha isimo sezwe ngaphandle kokushintsha imiqondo yabantu abasuke bengabaholi bamaqembu kanye nozakwabo emaqenjini abakuwo ngokwehlukana kwabo.

Uma abantu besungula amaqembu ngenhloso yokuthi nabo bafuna izikhundla, kanye namandla okutamuza umbuso nokuqhubeka beholela ophathe abantu bakuleli ukuze nabo bazitholele ithuba lokwenza inkohlakalo, ukukhwabanisa, ukucekela phansi iminyango kanye nezinkampani ezingaphansi kukahulumeni ngokuzitapela izimali okumele ngabe zenza ukuthi izwe lisimame, zonke izethembiso zabo ziyophenduka ize.

Sengiphetha abantu bakuleli mabangavumi ukukhohliswa ngezethembiso zamanga zamaqembu amasha afuna ukuzisiza wona kodwa kunalokho kumele bakhethe ngokucophelela kanye nobuhlakani amaqembu abazowavotela ukuze bangazisoli uma izinto zingasahambi kahle. Kanti nawo umlando wabaholi bamaqembu kumele ubhekisiswe abantu bangathathi ngamawala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *