IBafana ikhishwe kabuhlungu ku AFCON sekushaywa amaphenathi

SBU MAMBA

Noma zibuhlungu ziqaqamba izihliziyo zabalandeli bebhola
eNingizimu Africa ngokukhishwa kabuhlungu kweqembu lesizwe
iBafana Bafana kuma Semi Finals eAfrica Cup Of Nations (
AFCON) kodwa ezinkundleni zokuxhumana baningi abathulela
isigqoko iBafana nomqeqeshi u Hugo Broos ngokudlala ibhola
elisezingeni eliphezulu kulomqhudelwano wanonyaka obanjwelwe
e Ivory Coast .
IBafana ikhishwe yi Nigeria ngo 4-2 sekushaywa amaphenathi
umdlalo uphele ngo 1-1 kwayiwa ku extra time , nakhona ayikho
evume kugoba uphondo zishayane zabukana ngegoli elilodwa
ngalapha negoli elilodwa ngale kwaze kwagcina kuyiwe
kumaphenathi . Abalandeli beBafana bebanethemba ukuthi
unozinti uRonwen Williams uzophinde abatakule kodwa dololo
uWilliams ufane noJona owathunywa eNinive wabheka e-
Thalashishi , kulokhu bekuduma upotiyane kumfoka Williams
ubephambana nawo amaphenathi e Nigeria akavimbanga ngisho
neyodwa . Iqhawe kube uNozinti wase Nigeria ogijima ku Chippa
United (South Africa) ovimbe iphenathi yesethenjwa seBafana u
Tebogo Mokoena neyomgadli u Evidence Makgopa .
Kodwa ezinkudleni zokuxhumana bancome ubuhlakani nobuchule
bomqeqeshi uHugo Broos ngokubuyisa isithunzi nokuhlonishwa
kwebhola lase Ningizimu Africa kulomqhudellwano kanye
nokuzimisela kwabadlali bakhe , IBafana ibidlala ibhola elinenkosi
phakathi ngenyanga edlule limangaze abaningi liqumba phansi
izikhondlakhondla zase Africa i Morocco edlale kahle ku World
Cup futhi enabadlali abadlala e Europe ayigcinaga lapho yaphinde
yabhaxabula iqembu lase Cape Verde elinesipiliyoni nalo futhi
elishaya ngabadlali abadlala phesheya .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *