Ingwijikhwebu iZinyoni zaseDubeziqasha ezibachithile

SBU MAMBA

Izimanga azipheli eqenjini le Moroka Swallows , isimo somnotho
nezinkinga zamaholo ku Maswaiswai sigcine siholele ekutheni
abadlali be Swallows bateleke ngonyaka odlule kuze abaphathi
babakhokhele izimali ababakweleta zona , ngo Disemba abadlali
beZinyoni bashaye phansi ngonyawo bathi ngeke balubhade
emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns kanye Golden Arrows
yeligi, abaphathi be Swallows badinwa bagana unwabu bathi
bazoyikhotha imbenge yomile ngalesenzo sabo esehlisa isithunzi
seqembu phinde sifake ikilabhu kwezinkulu izindleko.
Ekuqaleni kwalonyaka uma zibuya ekhefini lika Khisimusi i
Swallows ithuse abaningi imemezela ukuxoshwa kwabadlali
abawu 22 kodwa emva kwamasonto amathathu
jikijiki kwashintsha ukudla epletini abanye babadlali eyathi
ibaxoshile babonakele ejimini bezilolongela ukuqhubeka kwesizini
ye DSTV Premiership esingabala unozinti u Daniel Akpei nenjini
yasesiswini Tlakusani Mthethwa ababonakale ejimini ye Swallows
, okuxaka abantu ukuthi kwenzeka kanjani lokhu ikilabhu
ingakasikhiphi isitatimende esichaza ukuthi ibuye yashinstha
umqondo .
Ngokusho kwensizwa esondelene naleliqembu kuthiwa labadlali
banikezwe elinye ithuba (second chance) ukuthi bakhethe
ukulanda izincwadi ezibakhululayo noma bemukele izinkontileka
ezintsha ezibahlisela imali yomholo kuthiwa abanye bavumile
kodwa abanye bashaya phansi ngonyawo bathi lutho eluthela
bangamane bahambe bayofuna amadlelo aluhlaza , ziningi
izinkinga eqenjini le Swallows iyabhala iyacisha kodwa kuzofanele
basheshe bazilungisele ngoba uma kuzoqhubeka kanje izodliwa
yizembe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *