I MK Party isikhombe indlela amalungu ayo awu-18 ePhalamende

Esithombeni: USotswebhu we MK Party uSihle Ngubane

OWAMI THABETHE

Kungakapheli nezinyanga ezimbili efungiswe njengamalungu ePhalamende Likazwelonke elimele Iqembu le-MK, amalungu ePhalamende awu u 18 asexoshiwe kwanqanyulwa ubulungu beqembu.

USotswebhu we-MK Party uSihle Ngubane  sebhalele uSomlomo we Phalamende uNkk Thoko Didiza emazisa ngamalungu e MK awu-18 asephelelwe indawo ePhalamende. UNgubane udlulise nohlu lwamagama alabo abazogwalisa izikhala zabaxoshiwe.

Ngokomthethosisekelo umuntu ulahlekelwa ubulungu ePhalamende uma eyeka ukuba yilungu leqembu elimqokile.

Lezi zindaba ziqhamuka ngemuva kwezinsuku iqembu limemezele ukuthi uzoxoshwa okwesibili uNobhala Jikelele walo nangaphandle u-Arthur Zwane ngenxa yezinsolo zokungaziphathi ngendlela kanye nezingxabano zangaphakathi.

Akukacaci ukuthi kungani amalungu ePhalamende ehoxisiwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *