UMnyango Wezempilo uxwayisa abantu ngesifo seMonkey Pox

OWAMI THABETHE

UMnyango wezeMpilo usunxuse ukuthi umphakathi uhlale uqaphile njengoba isibalo sabantu abane-Mpox (Monkey Pox) eqinisekisiwe elabhorethri eNingizimu Afrika sikhuphukela ku-24.

UMnyango wezeMpilo ukuqinisekisile ngesonto eledlule ukuthi izigameko ze-Mpox eNingizimu Afrika zinyukile zisuka ku-22 zaya ku-24, kanti ezinye ezimbili zitholwe eGauteng naKwaZulu-Natal.

Kamuva nje abantu abatholakale bephethwe ilesifo  babalelwa ku-26 ezifundazweni okuyi Gauteng, KwaZulu-Natali kanye nase Western Cape

UMnyango wezeMpilo uthe isibalo sabantu abashonile abahlobene nalesi sifo simi kwabathathu. Kanti isiguli sakamuva ngowesilisa oneminyaka engu-20 ubudala waseGauteng obonakale esikhungweni sezempilo esizimele eGoli ngoLwesihlanu zingu 2 kuAgasti.

Ukuqinisekisile ukuthi unomlando wokuhambela amazwe ngamazwe ePeru eNingizimu Melika. Akwaziwa ukuthi ukutheleleka kwenzeka ePeru noma eNingizimu Afrika.

Esinye isiguli kwakungowesilisa oneminyaka engu-36 ubudala KwaZulu-Natali owangeniswa esikhungweni sezempilo sikahulumeni saseThekwini ngasekupheleni kukaJulayi, ngemuva kokuba neqhubu elifana ne-Mpox, nokukhathala, ubuhlungu bemisipha kanye nokuqina.

“UMnyango unxusa bonke abathintekayo noma abahlonziwe ukuthi babambisane nezikhulu zezempilo uma kufanele baxilongwe ukuze kugwenywe ukusulelana kwalesi sifo esivikelekayo nesilaphekayo,” kusho uMnyanga

UMnyango Wezempilo ukhumbuze abantu abanezimpawu okusoleka ukuthi ezalesisifo  bavakashele isikhungo sokunakekelwa kwezempilo esiseduze ukuze bazihlole, baxilongwe bese bethola izindlela zokwelapha.

NgokweNational Institute for Communicable Diseases (NICD), izimpawu zokuqala zihlanganisa imfiva, ikhanda elibuhlungu, ubuhlungu bemisipha, ubuhlungu beqolo, ukugodola kanye nokukhathala. Phakathi nosuku olulodwa kuya kwezintathu kuqale lesi sifo, kuvela izilonda ezinjengamabhamuza ebusweni nasemaphethelweni okuhlanganisa namathe ezinyawo nezintende.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *