
OWAMI THABETHE
UNGQONGQOSHE wezaseKhaya, uDkt Leon Schreiber, usamukele isigwebo esinikezwe owayeyisikhulu soMnyango wezaseKhaya yiCommercial Crime Court, okuyinkantolo ebhekele amacala ezokukhwabanisa nobugebengu, eThekwini.
UJudy Zuma ugwetshwe iminyaka engu-12 ebhadla ejele kuleli sonto. Ubeyingxenye yenhlangano ehambisa izincwadi zomgunyathi ukuze bathole imihlomulo kubantu bangaphandle ababengakufanelekeli ukuthola lezi zincwadi. UNgqongqoshe uchaze lesi sigwebo njengempumelelo ekulweni nenkohlakalo.
“Umyalezo othunyelwe yilesi sigwebo ucace bha: uma wenza inkohlakalo sizokuthola futhi sizokulandela uze uvalelwe. Ngeke siphumule singakasiqedi isihlava senkohlakalo ebusweni boMnyango wezaseKhaya,” kusho uSchreiber.
UNgqongqoshe uthe lesi sigwebo kumele sikhombise isiko elisha lokungayibekezeleli nhlobo inkohlakalo. Ulule wathi impi yokulwa nenkohlakalo kulo mnyango, njengoba kuboniswa ubucayi bezindaba eziphakanyiswe kuleli cala iphuthuma kakhulu njengoba uMnyango Wezasekhaya uyinhloko yezokuphepha kuzwelonke.
“Siyangicasula isenzo sikaZuma namanye amalungu abandakanyayo, abadayisa amaphepha ethu, basongela ukuphepha kwethu, babukela phansi umsebenzi owenziwe yizikhulu zoMnyango wezaseKhaya,” kusho uSchreiber.
Isigwebo esinikezwe uZuma iminyaka engu-12 ebhadla ejele, eminye engu-24 ilengisiwe. Waboshwa okokuqala ezama ukugwazela isikhulu seHome Affairs Counter Corruption u-R10 000. Inkantolo ikuqinisekisile ukuthi uZuma, ogwetshwe ngamacala amaningi, ubeyingxenye yethimba elikhipha ama-passport omgunyathi kubantu bangaphandle abangafanelekile ukuthola amaphepha.
UZuma kwatholakala ukuthi usecubungule amapasi angu-192 phakathi kuka-28 Meyi no-12 Juni 2021 kubantu bangaphandle ababengafaneleki ukuba nawo. Ukhokhelwe u-R4 000 ngepasipoti ngayinye. Ushiye umnyango ngoDisemba 2021, kulandela uhlelo lwangaphakathi lokuqondisa izigwegwe.
Umnyango uthe wonke amapasi athintekile afakwe uphawu olubomvu, okusho ukuthi noma ngubani ozama ukusebenzisa la maphepha omkokotelo emzileni wokungena uzoboshwa ngokushesha. “Kuze kube manje, abantu ababili bangaphandle asebevalelwe ngaphandle, badonsa isigwebo ngokubandakanyeka kwabo kulolu hlelo lwenkohlakalo. Abanye ababili bagwetshwe iminyaka emine ,” kusho uMnyango.

