OWAMI THABETHE
Ithimba nabakhiqizi bama Crown Gospel Music Awards sebethembise into yamehlo kumncimbi wama Crown kulonyaka. Bathe lomcimbi uzobe ukwelinye izinga njengoba kuzobe kuhlonishwa uMengameli nomsunguli wawo uZanele Mbokazi Nkambule ongasekho.
UMfundisi Mpendulo Nkambule uncome kakhulu igalelo lethimba lama Crown Gospel Music Awards kanye noZanele ababe nabo ukukhuphula izinga lalomcimbi obanjwa njalo ngonyaka sukela wasungulwa ngonyaka ka 2008. UMbhishobhi Nkambule uthe nakuba uZanele engasekho emhlabeni kodwa lomcimbi uzoqhubeka ube khona egameni lokuhlonipha umsunguli wawo ngaphansi kwesiqubulo esithi #TheLegacyContinues.
Uphinde wamema wanxenxa nabaxhasi bezimali bezinkampani ezizimele ukuba baxhase lomcimbi kulonyaka. Lokhu kungakhuphula nezinga lemiklomelo abaculi abazobe behlonyuliswa ngalo.
UMqondisi ophinde abe i choregrapher yama Crown Syanda Mwandla ,ubalule indima edlalwa ilomcimbi ezimpilweni zabaculi be Gospel, “Baningi abaculi abadumile manje abavela ngama Crown abaqala ukwaziwa emva kokubonakala kuma Crown Awards okubalwa kuwo u Andile kaMajola owaba ngokuqala ukuthola indondo yengoma yonyaka. Ama Crown awards ahlose nokuvusa abaculi be Gospel abacashile abafufusa babonwe izwe lonke, ngakho-ke siyohlala siwenza lomcimbi njengokugcina isethembiso esasenza kumam’Zanele,” kuchaza u Syanda
Omunye wabaculi beGospel u Andile kaMajola ekhuluma uveze ukuthi ulapha ekhona nje namhlanje ingenxa yama Crown awards no Zanele Mbokazi obehlale emuseka ngasosonke iskhathi. Uthe uyafisa ukuba abanye abaculi bokholo basebenzise ama Crown njengendlela yokuvela ebalazweni njengoba naye ebuyile ukuzonenela futhi kulonyaka.
Ama Crown Gospel Music Awards azobuyela esifundazweni sase Gauteng kulonyaka eGallagher Convention Centre eMidrand ngomhlaka 24 November.
Amathiki omcimbi azoqala ukuudayiswa ngomhlaka 25 September.