OWAMI THABETHE
Isikhwama se-Road Accident Fund (RAF) sithole izikhalo ngabameli abakhokhela abantu ababamele imali
encane kakhulu kunalena ekhokhelwa yisiKhwama sabo. Lolu wuhlelo olungekho emthethweni oluhlomulisa abameli kunommangali.
Lolu hlelo luhlanganisa ukuboleka imali yokukhokhela izindleko ezinjengokuthenga igrosa kanye nokukhokhela izinto zokuhamba ngesikhathi isicelo sisaphothulwa, bese ufaka isicelo ubuyisela imali enenzalo eshisiwe evela esinxephezelweni se-RAF sommangali.
INingizimu Afrika inamazinga aphezulu kakhulu okungalingani. Abasinde ezingozini zomgwaqo kanye nemindeni yabo baphelelwe yithemba
ngokuvamile bazithela phezu kwalomkhonyovu, bese evame ukuphoqwa abameli ukuba basayine izivumelwano ezivimbela bangabaze amanani abo abawathole ku-RAF.
Kanti kuvele nokuthi abamangali ezweni lonke balandisa izindaba zokungezwa nabameli babo,
Bayaba phoqa ukuthi basayine amadokhumenti abangachazelwanga ngawo.
Isikhulu esiphezulu se-RAF, uCollins Letsoalo, sithe labo abayisizulu zalomkhonyovu kumele baxhumane ne hhovisi labo masinyane.Kubalulekile ukuthi lezi zinkinga
ziqondiswe, nokuthi kugcinwe ubuqotho benqubo yezimangalo. Ngakho unxenxa abantu ukuba baqaphele abameli ababaqokayo ukuba babamele.