Ungayitshali inzondo phakathi kwezingane noyise muntu wesifazane 

Sanbonani sizwe sakithi . Nasi iseluleko kwabesifazane abakhulisa izingane sebehlukene nobaba bazo. Qaphela ungaloli izingane ukuzonda uyise. Yebo zingaba ningi izinto ezanixabanisayo kodwa izingane mazingafakwa kulezongxabano. Mangabe uyondla ungamqhelisi ngokufunza izingane inzondo  .

Kubuhlungu ukubona izingane sezingasazi zibuyele kanjani kuyise unina engasekho ngoba zenziwa ukuthi zimzonde zigcine zihlupheka zigcwala izigange uyise esaphila ziphenduke imihambuma . Ungayitshali inzondo phakathi kwezingane noyise muntu wesifazane 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *