OWAMI THABETHE
UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, usigxeka kakhulu isenzo sokubulawa ngesihluku kwabesifazane abane eGreytown.
Ngomhlaka 03 Okthoba , oshayasibhamu bagasela emzini wakwaNgubane endaweni yaseMbulwane, babulala abesifazane abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-6 no-60 ubudala, balimaza kanzima intombazane eneminyaka engu-12 ubudala manje iyelulama esibhedlela. UNdunankulu uNtuli unxusa umphakathi ukuthi usize iMatimatolo SAPS ngolwazi ukuze abenzi bobubi babhekane nengalo yomthetho.
“Siphatheke kabi ngalesi senzo esibi sodlame. Ukubulawa kwabantu abangenacala, okuhlanganisa nezingane, akunakubekezelelwa. Sicela umphakathi usebenzisane nezinhlaka zomthetho ukuze izigebengu ezidale lesi sibhicongo zibhekane nengalo yomthetho.” kunxexa uNdunankulu.
Odabeni oluhlobene nalo, uNdunankulu uNtuli uncome abomthetho ngesinyathelo sabo esisheshayo kwesinye isigameko. Abasolwa ababili abebefunelwa icala lokubulala abantu abaningi eHlokozi, eHarry Gwala District, badutshulwe babulawa ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa eSAPS. Owesifazane obehamba nabasolwa ulahlekelwe yimpilo yakhe kabuhlungu ngesikhathi kuqubuka ingxabano.
UNtuli uyincomile imizamo yamaphoyisa kodwa waphinda wathi kumele kubanjwe bonke abathinteka ekubulaweni kwabantu eHlokozi.
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokuzibandakanya komphakathi ekulweni nobugebengu: “Ubugebengu buthinta thina sonke, futhi sidinga ukwesekwa yiwo wonke umuntu. Nginxusa izakhamuzi ukuba zihlanganyele nezinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini , ukuze sibuyise imigwaqo yethu ibe indawo ephephile”