SHEILA MHLONGO
Nkk. Pat Nkonyeni wase-Eastern Cape eBizana kulonyaka ozayo uthi ngifisa ukuhlangana nabanye bosaziwayo kwezomculo abafana ne-legend Hlengiwe Mhlaba ukuze ngicobelele ulwazi oluthe xaxa kwezomculo ngifisa ukubuye ngimu-feature(rishe) kwenye yezingoma zami ngoba umculo wakhe uyangibusisa kanti futhi uyintshumayelo ethinta inhliziyo, baningi abantu abaguquka ngenxa yomculo we Gospel.
Sengifisa ukungenela nakuma award amakhulu njenge SATMA nakwamanye amazwe ngenze nama-albums amabili ngengeze nenye i-genre. Kulo nyaka ngihlela ukwenza I-Awards Celebration ngibonge kuNkulunkulu ngijabulise nabalandeli bami ngenxa yama-Awards amaningi kakhulu engiwathole kunyaka ophelile. Ngiqoka ukusebenzisana no Nqobile Mbandlwa kuMusa Studio eChatsworth kanye noMane Mzulwini oyi backer yeStudio ongomunye woProducers engisebenzisane kahle kakhulu naye. Kwa Music ngifunde ukuthi kuyasetshenzwa ayikho into oyithola ungayijulukelanga, ukusebenzisana nabantu nokubahlonipha nokubakhathalela ukuze nabo bakwazi ukusebenzisana nawe.
Ukuzinikezela uwuthande umsebenzi wakho yikhona kanye okusana empumelelweni. Abalandeli bami ngithi abakulindele ukuthi ngingangena noma nini kwi Drama kulo nyaka. Zikhona izingoma esengizikhiphile ezingekangeni kuma Digital Stores ezinye ziyatholakala zona koma YouTube, Spotify namanye. Ngiyatholakala kule no: 0783215386/ ku Whatsapp/ TikTok no Instagram, Ku Facebook :Patricia Mgqadi nethi Pat Nkonyeni Music.