SHEILA MHLONGO
U-Owethu Kwami Khuzwayo ube ngenye yezintokazi ezizuze iDurban Fashion Fair (DFF) Recognition Awards emcimbini obubanjelwe eDurban Exhibition Centre ngonyaka ophelile ngaphansi komkhakha we New Female Face Model (standard size female).
U-Owethu, uthi “lolu kube usuku angasoze walukhohlwa ngisho nangendlela umcimbi obusezingeni eliphezulu ngakhona kungishiye ngijabule kakhulu. Ngibonga kakhulu nokusebenzisana okuhlenamanye ama-models. Kusho yena.
Lentokazi engeyokuzalwa eThekwini ingenele umncintiswano we-City Model search ngoba yabe ifuna ukuqala into entsha, kanti isike yangenela eminye imibukiso yezemfashini. Uthi, “Umsiki wengqephu amkhonzile u 8th Wanda, ngenxa yekhono lakhe lokukwazi ukuhlanganisa indwangu yase-Afrika kanye nendlela athunga ngayo.” kusho yena.
Umgomo wakhe ukuthi ukungenela imodelling emkhakheni wezamabhizinisi ikakhulukazi ifitness modeling, ufisa nokusebenza nama Brands amakhulu afana nawe Nike, Adidas. Kanti ufisa nokuba ingxenye yombukiso we-African Fashion Week.
Nakuba esakufisa ukuba imodel edumile kodwa usafunda, uthanda iscience kanye ne aviation, unethemba lokuthi uyogcina ephumelele kulokhu. Uthanda ukufunda, ukudla okunempilo, netball, ukujima kanye nokugijima ukuze azigcine umzimba wakhe umuhle.
Iseluleko sakhe kwamanye ama-model ukuthi kumele anakekele imizimba yawo ngokuzivocavoca akwazi ukugcina neminye imisebenzi yawo.

