UNdumiso Dlomo “ Mashayabhuqe” wase Kranskop eMakhabeleni ufisa ukungenela umcimbi weMpucuzeko

SHEILA MHLONGO

Kulonyaka ngifisa ukungena emicimbini emikhulu njenge Mpucuzeko, Khuphuka nezakho, Umbuso wamaciko , Gcwalisa picnic   neminye imicimbi emikhulu eyehlukahlukene. Kulonyaka ngifisa ukuyeka ukuthi langifikakhona ngizazise kepha ngikhulumelwe umculo wami kube  yiwo ozongazisa kubantu njengomculi osebenza ngokuzikhandla. Izinhlelo zami zakulonyaka ngifuna ukuhambela ama-event ahlukahlukene amakhulu namancane ezindaweni ezihlukahlukene.

Umculi engifisa ukusebenza naye uS’ne Ntuli ,INkosi Yamagcokama ,Limit Nala baningi engifisa ukusebenza nabo yize ngingeke ngibaqede bonke.

Engikufundile last year ukuthi ukusebenza kwami kanzima kungenze ngaziwa kakhulu eGoli lapho ngizinzekhona ngokwamatoho nokuthi ikusasa nempumelelo ikhona emculweni wami lokho ngiqale ukukubona ngonyaka odlule ngidlala okokuqala Okhozini FM uTshatha noBingelela bakhombisa ukuwuthakasela kakhulu umculo wami  okuyinto eyangenza ngakhuthazeka ngaphinde ngathula ngohlelo abalusakazayo uSigiya ngengoma.

Okungalindelwa abalandeli bami kulonyaka ngizobenzela album ezobe imnandi kakhulu njengomculi ohlezi esebenzisa ubuhlakani nobuchule ukujabulisa abantu  abathanda umculo wesintu ngizosebenza nabaculi abahlukene esenginesiqiniseko sokuthi sizosebenzisana nabo nesikhulumisene nabo uSne Ntuli, Lozolo no Simiselo Khumalo.

Umculo wami uyatholakala kuma platform nomangabe usebenzisa yiphi indawo yokudlala umculo kuma digital uzowuthola

Inkundla zokuxumana engitholakala kuzo WhatsApp and calls: 0823461606 , Facebook: Mq Mashayabhuqe, TikTok: Mq Mashayabhuqe and Instagram: Mq Mashayabhuqe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *