I-Restoration Ministries ikhuthaze abafundi ukukhetha izifundo abazozenza kusanesikhathi

Ibandla iRestoration Ministries eliseSiphingo bahlele i-career day lapho bebehlanganyele khona nabazali, abafundi baka grade 10, 11, 12, nasebephothulile ugrade 12 ngokulekelelwa izikhungo zemfundo ephakeme esingabala kuzo. PC Training, Coastal Tvet College, Ukzn, Cao, ukuzokhuthaza abafundi ngokukhetha izifundo kusanesikhathi kanjalo nokumele bakuqikelele kakhulu ukuze bathole izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Continue reading

Kukhuthazwa abahlali ukuba bagcine imiphakathi yabo ihlanzekile

Izinhlelo zokukhuculula ziyaqhubeka ezindaweni ezahlukene njengengxenye yokuhanjiswa kwezidingo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya yeTheku uKhansela uMxolisi Kaunda ehlangane nabasebenzi bakaMasipala basezifundeni ezahlukene ngenhloso yokuqinisa umsebenzi okumele wenziwe ukuze kuphuthunyiswe ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. “Sizimisele ngokubhekana nezinselelo zokuhanjiswa kwezidingo nokuhlanza imiphakathi yaseThekwini. 

Continue reading

Isiqalile iGospel Icon Discovery Auditions ehlelwe uMasipala weTheku

Umncintiswano kuthungathwa ithalente weGospel Icon Discovery (GID) usubuyile. Abaculi bevangeli abasafufusa bayakhuthazwa ukuthi bahambele inhlolokhono eqale kusukela ngomhlaka-26 kuMashi kuya kuMhlaka 23 Ephreli ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwaMaspala weTheku. Kulonyaka kuzobe kungunyaka wesi-10 i-GID yaba khona, kanti iwu mncintiswano okuhloswe ngawo ukuvundulula ithalente labaculi bokholo abasafufusa.

Continue reading