Kwethulwe inkundla yokudlala esikoleni samabanga aphansi INkonkoni eMlazi

Ngasekuqaleni kwalo nyaka kwathulwa umkhankaso we-SASKO Siyasizana womphakathi, ‘Dlala Kangcono’ okuhloswe ngawo ukubuyisela kanye nokwenza ngcono izinkundla zokudlala eziyi-1000 eNingizimu Afrika yonke ngo-2023. Ngamandla omdlalo omuhle, lo mkhankaso ugxile ekukhuleni kwengane kanye neqembu lesigaba sesisekelo. izingane ezinomlayezo oqinile wokulwa nobuxhwanguxhwangu ngokukhuthaza Ukudlala Okusebenzayo Nokuhle.

Continue reading

EZOMPHAKATHI ZIXOXWA NGEZITHOMBE

Izintombi ezibalelwa ku-3 000 ebezivela kuzona zonke izinkalo zeTheku zibe yingxenye yengqungquthela yezintombi yaseThekwini ebisenkundleni yezemidlalo yaseZwelinjani, kuWadi 100 , ngomhla ka-26 Agasti. Lo mcimbi ubuwendlalela umkhosi womhlanga ozoba esiGodlweni saseNyokeni, KwaNongoma oba njalo nenyanga kaSepthemba okuyinyanga yokubungazwa kwamaGugu. Inhloso yalo mcimbi wukuqwashisa ngezinkinga ezahlukahlukene zomphakathi ezithinta abantu besifazane abasebasha.

Continue reading

UMasipala weTheku uphezu komkhankaso wokugasela amabhizinisi aephula imthetho

UMasipala weTheku uphezu kokuphuma umkhankaso wokugasela amabhizinisi akulelidolobha angaqhubi ngokusemthethweni, lokhu kuhlaluke ngesikhathi iMeya yoMkhandlu ukhansela Mxolisi Kaunda ehambisana nePhini lakhe ukhansela Zandile Myeni,uKhansela Sibusiso Mpanza, amaPhoyisa oMkhandlu kanye noMnyango wezeMpilo woMkhandlu begasela kwesinye sezitolo ebusuku bangoLwesine olwedule

Continue reading