UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi uxwayisa ngezigebengu eziqola abantu izimali ngemisebenzi engekho.
UMnyango Wezemisebenzi kaHulumeni kanye neziNgqalasizinda , usukhiphe isitatimende esexwayisa abantu bakuleli ikakhulukazi labo abafuna amathuba emisebenzi kanye nosomabhizinisi abancane mayelana nezinswelaboya eziphume umkhankaso wokugebenga abantu njengoba kuza isikhathi samaholidi okuphela konyaka.

