OweAzanian Youth In Action uthi izinhlangano zepolitiki ziyefana zonke zizicabangela zona

U LINDA VILAKAZI  ophethe i AZANIA YOUTH IN ACTION ukubeke kwacaca ukuthi i AZANIA akuyona i politiki kodwa inhlangano eyavulelwa abantu abamnyama  ukuze behlangane belwele izwe labo.Kuningi okwenzakalayo kulelizwe  okuhlangene  kanye nokungahlangene nabantu abamnyama. I AZANIA ithi ayiziboni ingena kwezepolitiki ngoba ipolitiki iyona emosha abantu ezweni labo.

Continue reading

Kubalulekile ukubandakanywa kwabesifazane kwezePolitiki, Nasi isizathu

Abesifazane baseNingizimu Afrika babhekene nengcindezi yokucwaswa, ukungalingani, ezingxenyeni ezahlukene zempilo okuhlanganisa nepolitiki. Abamelelekile ngokulinganayo ngokwezikhundla zobuholi emaqenjii ezepolitiki amakhulu kuleli, uma kuqhathaniswa nabesilisa, lokhu sekuze kwaholela ekutheni kube nokungalingani ngezobulili emikhakheni eminingi ehlukene kulelizwe.
Kunenkolelo yokuthi abantu besifazane abanabo ubuhlakani bokuba abaholi ngenxa yokuthi babuthaka uma kuza ngasekuthatheni zinqumo, ngakho izinqumo zabo azethembekile.

Continue reading

I Democracy Development Program  isingathe ingqungquthela yabesifazane

SHEILA MHLONGO

IDemocracy Development Program NPC, isingathe iNgqungquthela yesine (4th) yaminyaka yonke yabesifazane eLangeni Hotel ngoLwesibili lomhlaka 22Agasti.Isiqubulo salonyaka besithi “The Politics of Gender Representation in the Democratic Society – Exploring Proactive Strategies for Enhancing Gender Representation in the Legislature “. Lokhu okumayelana nengqikithi yosuku.

Lengqungquthela, ibithanyelwe abesifazane abebevela emikhakheni eyehlukene okubalwa phakathi kwayo, osopolitiki, osomabhizinisi, izifundiswa (academia), abezinhlangano zemiphakathi, abezindaba kanye nama activist, ngenhloso yokudingida udaba lokumeleleka ngokobulili kwezePolitiki, kanye nokubonisana ngamasu okwenza ngcono ukumeleleka kwabesifazane esiShayamthetho.

UMhlonishwa uCeliwe Madlopha onguSihlalo we KZN Legislature Multi-Party Caucus obe yisikhulumi sosuku wethule inkulumo emayelana nohambo lokucobelelana ngolwazi ababe nalo lokuya emazweni amabili okuyi Zimbabwe kanye neMalawi echaza ngalokho abakufundile kulamazwe omabili.

Ngesikhathi izihambeli zalengqungquthela zenza inkulumo ngxoxo kuye kwagqama ukuthi umbuso wentando yeningi ophumelelayo ungenzeka uma abesifazane bebambe iqhaza kwezepolitiki yanoma iliphi izwe.

Nakuba kusekhona inhlansana yokucindezeleka kwabesifazane ezinhlakeni ezahlukene emphakathini kodwa kukhona inhlansi yethemba njengoba ngisho nasesiShayamthetho saKwaZulu-Natali abesifazane bameleleke ngokulinganayo nabesilisa (50/50) .

Intsha yabesifazane ebiyingxenye yezithunywa zeNgqungquthela izwakalise ukudumala mayelana nokuthi isalokhu izwa isikhalo esifanayo nesayo kubantu besifazane abadala, esimayelana nokucindezeleka kwabantu besifazane, yabuza ukuthi ingabe luyoba khona nini ushintsho oluyokwenza ukuthi abantu besifazane bazithole belingana nabesilisa.

Njengoba iDDP ibungaza iminyaka engamashumi amathathu (30)years iphinde yedlulisela imiklomelo yezitifiketi ihlonipha labo ebambisene nabo ngokomsebenzi wokuqhuba ukuthuthukiswa kokusebenza kwentando yeningi kuleli.

Continue reading

IMeya yeTheku  yethule izinhlelo zokuqeda inkinga yamanzi efolweni

SHEILA MHLONGO

IMeya yeTheku ukhansela uMxolisi uKaunda yethule izinhlelo zokuqeda izinkinga zokunqamuka kwamanzi endaweni yeseFolweni. Lesitatimende sicashunwe kanye nezithombe ekhasini lika Facebbok likaMasipala weTheku.

IMeya uKaunda yethule lezi zinhlelo embizweni yeMeya ebiseFolweni ngoMgqibelo, womhla ka-12 Agasti. Inhloso yale mbizo bekuwukuqhamuka nezisombululo zezinkinga zamanzi eFolweni.

IMeya ithe phakathi kwezinhlelo esezenziwe wukuthi kuxhunywe ipapiyi elizodonsa amanzi epayipini elikhulu laseSiphingo elidlula eMalukazi ukuze kwenyuswe umthamo wamanzi endaweni yeseFolweni.

“Okunye esizokwenza wukuthi idamu lamanzi laseNsimbini singalifaki ngaphansi kohlelo lokucishwa kukagesi. Sizophinde sifake ama-generator kwiziphehlimanzi uMlazi 2, eNsimbini kanye naseFolweni 2 ukuvimbela ukunqamuka kwamanzi uma kuqhubeka uhlelo lokucishwa kukagesi,” kusho iMeya.

Continue reading

UHulumeni waKwaZulu-Natali uzogxila ekuthuthukiseni osomabhizinisi besifazane

UNdunankulu waKwaZulu-Natali  uNkk, Nomusa Dube -Ncube uthe, uhulumeni waKwaZulu-Natali uzogxila ekuqeqesheni nasekuthuthukiseni osomabhizinisi besifazaneukuthi kube yibona abanikwa amathuba okuthi benze umsebenzi we Intanethi (internet service providers) Lokhu uDube-Ncube ukusho ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kugujwa usuku lwabesifazane ngoLwesithathu lomhlaka 9 Agasti ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Continue reading

I-NPA angeke imshushise uMbalula

SHEILA MHLONGO
Abe National Prosecuting Authority (NPA) sebekhiphe isitatimende sokuthi angeke bamshushise uMnu. Fikile Mbalula onguNobhala Jikelele we ANC, ngezinsolo ezimayelana nokuthi yena nomndeni wakhe wathatha iholidi lokuvakashela eDubai.
Lesinqumo seNPA siza emuva kokuthi ngo2019, ihhovisi loMvikeli woMphakathi lakhipha umbiko owawuncoma ukuthi loluphiko lwe NPA kumele luthathele izinyathelo zomthetho uMnu. Fikile Mbalula ngenxa yezinsolo zokuthi inkampani iSedgars Sports yagwazela uMbalula ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko kanye namaSiko, kuleli ukuthi ahambele eDubai phakathi kuka Disemba 2016 kanye noJanuwari 2017.
Lezizincomo zoMvikeli woMphakathi zaziqonde ukuthi uPhiko lweNPA luphenye ukuthi ingabe imali eyakhokhela izindlelo zohambo lwaseDubai yayivele kanjani nokwaze kwavulwa idokodo lecala esiteshini samaphoyisa eBrooklyn, inombolo yecala.
Emva kophenyo lwenziwe abashushisi ePretoria Specialised Commercial Crime Unit office bebambisene Director of Public Prosecutions (DPP)kuphume isinqumo sokuthi angeke ashushiswe uMbalula ngoba abutholakali ubufakazi obeyamene nezenzo zokwephulwa komthetho. Lesinqumo sikhishwe ngoLwesithathu lomhlaka 2 Agasti. – SAnews.gov.za

Continue reading