Kuyasetshenzelwa ukuba umholi eqenjini le EFF akufani nakwamanye lapho kubhekwe khona izikhundla kuphela
Asenkingeni amakhansela e-Economic Freedom Front (EFF) okubalwa namalunga eziShayamthetho kanye nawePhalamende ahluleke ukuqasha amabhasi okuthutha abantu abekumele aye embungazweni wokugubha iminyaka eyishumi lasungulwa leliqembu.

