I-RISE Mzansi ibithwele ngeqoma ukuthuthukiswa kwezemfundo kwiManifesto yayo
BEKUSEQHULWINI ukuthuthukiswa kwezemfundo nokuthuthukiswa kwentsha ngesikhathi kwethulwa imanifesto yenhlangano yezepolitiki iRise Mzansi, eyakhiwe ngokuhlanganisa imibono yabantu baseNingizimu Afrika.

