Asizifundise ukubonga usizo esiluthola kwabanye abantu
Kuhle ukumbonga umuntu uma ekusizile ngoba naye kusuke kunalapho edinga khona usizo okungenzeka ube nalo nawe usizo lwakhe
Kuhle ukumbonga umuntu uma ekusizile ngoba naye kusuke kunalapho edinga khona usizo okungenzeka ube nalo nawe usizo lwakhe
Uyaqhubeka lombhidlango wokulwa nokusatshalaliswa kwezidakamizwa ezikoleni Kwa Zulu- Natal. Loluhlelo oluqhutshwa uhlaka lwesigungu sabazali i National Association of School Governing Body olusingathwe ngusihlalo we District yase Mlazi
ISagiya Foundation ngokubambisana ne KZN Jazz Appreciators Association izokwethula i KZN International Jazz Festival 2023, ezoba ngomhlaka 3 kuJuni. Lokhu kuza emuva kokuthi ngomhlaka 30 April kwethulwe ngokusemthethweni yona lendumezulu yeJazz, eUniversity of KwaZulu Natal Centre for Jazz.
Abaziqamundayo bathi u Minnie Dlamini imkhalela kahle ingoma yeZinkabi Zezwe- Bath’ uthengelwe umacekeceke ka Mbayimbayi, kumanje udubula izintaba ezimsithe u Yanga Chef, ongusomabhizinisi aphinde abe ngumrepha. Lesingqazu sentokazi sithi bangabangane nalomrepha, kodwa oQamundile bathi “Ayikaze yanuka ingosiwanga”.
AmaZulu FC asazoqhubeka nokulolongwa ngu Ayanda Dlamini othathe izintambo ngemuva kokuthi leliqembu laKwaZulu- Natal lixoshe loyo obengumqeqeshi wayo u Folz ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
Kuze kwasiza amaphoyisa uMama Joy osengumlandeli wokuqina we Royal AM obethukuthele egane unwabu kade ezakhe zibhekene neOrlando Pirates obekuyiqembu lakhe lakudala.
IMeya yeTheku, ukhansela Mxolisi Kaunda, uthi ukuhamba kancane kwezidingo zomphakathi kudalwa ukudunwa kwezimoto zabasebenzi kanye nezosokontileka.
UNokubonga Mnyango waseMpangeni owavula ibhizinisi lokuqoqa udoti aphinde awudayise usekwaze ukuvula amathuba omsebenzi kubantu ababalelwa ku 22. Lentokazi iqale lelibhizinisi ngonyaka ka 2014 emva kokuba kade isebenza njengomshayeliwezimoto, kwenye yamafemu.
Inhlangano i-National Association of School Governing Bodies(NASGB) ngokubambisana ne-Inanda Interfaith kanye nezinye izinhlangano zomphakathi, ihambele isikole iMandlakayise Primary School eNanda ngenhloso yokuqhuba uhlelo lwe Back to school kanye nokukhulekela othisha kanye nabantwana besikole ngomhlaka 04 Meyi.