Uyaqhubeka umkhankaso wokulwa nezidakamizwa ezikoleni eKZN

NKOSIE WINNET NTOMBELA

Uyaqhubeka lombhidlango wokulwa nokusatshalaliswa kwezidakamizwa ezikoleni Kwa Zulu- Natal. Loluhlelo oluqhutshwa uhlaka lwesigungu sabazali i National Association of School Governing Body olusingathwe ngusihlalo we District yase Mlazi uMnu Lungani Makhathini.

Engxoxweni abenayo neNtatheli yeKZN Namuhla uveze ezinye izingqinamba ababhekene nazo beyisigungu sabazali okuhlanganisa izimo la abafundi benza izimo zokufunda zingalawuleki, ukuthengiswa kwezidakamizwa okusolakala ukuthi abanye babo basetshenziswa abantu bangaphandle kwezikhungo zemfundo.

Enaba kabanzi uMnu Makhathini ukushayele ihlombe ukusebenzisana kahle nophiko lwezamaphoyisa uSAPS noDurban Metro nezinye izinhlaka zezokuphepha ezizimele kanye noMnyango wezokuthuthikiswa komphakathi.
Ngale kokuthi izikole ziwumgogodla wekusasa uphinde wabalula eyokucela abazali babasize ekubambisaneni nabo kulomkhankaso wokulwa nesihlava sokuqeda ukusetshenziswa kwezidakamiza, ukuphathwa kwezikhali kanye nezikhuthazi ezikoleni nabo bazibheke izingane ukuze zikwazi nokuthola usizo ngesikhathi ziyiswe kwizikhungo ezigunyaziwe umnyango.
“Okuyingwadla esikuyo manje akusafani nezikhalazo zetsha ka 1976 okwakuyimpi yokuthi kufundwe ngendlela elinganayo kodwa kunyaka ka 2023 sekukuthi kuliwe nesihlava esiqeda intsha izidakamizwa okuyisihlava esidinga ukubambisana phakathi komzali, uthisha kanye nomfundi ukuze abanekusasa eliqhakazile”.Kucacisa uMnu Makhathini.

UMnu Makhathini uphinde washaya ikhwelo elibhekise kuwowonke amalungu omphakathi ukuthi azoba ingxenye lapho abafundi beyoba beyodlulisa izikhalazo kumphathisteshi eMlazi kwimashi yokuthula “Peaceful March” eyoba ngomhlaka 16 Juni, lapho kuzoba kuhlangene zonke izikole ze District yaseMlazi. uSihlalo esegoqa ucele bonke abangakwazi ukubasiza ngalolusuku lwemashi babathinte.