Sezihubela sakusha kubafundi bakaMatikuletsheni njengoba sekusondele izinsuku zokubhala izivivinyo

OWAMI THABETHE

Izinkulungwane zabafundi bakamatikuletsheni sebesalelwe isikhathi esingaphansi kwamasonto amabili ukube baqale ukubhala izivivinyo zabo zokugcina zokuphela konyaka .

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali uthe konke kuhamba kahle nothisha bavivile balindele izivivinyo.

Bangu-172,433 abafundi abafunda ngokugcwele nabafundi abayitoho abayizi-18,019 abamiselwe ukubhala lezi zivivinyo.

“Uhlelo lwezivivinyo loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali lukhulu kunawo wonke ezweni, njengoba kunabagadi babafundi ababhalayo (invigilator)   angu-6,343 abazophatha izivivinyo emagumbini angu-6 710,” kusho uNgqongqoshe wase-KZN uMhlonishwa Sipho Hlomuka  esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu mhlaka 09 Okthoba ekuseni eWestville Boy High School, eThekwini.

Isifundazwe saKwaZulu-Natali kulindeleke ukuthi sizophrinta amaphepha emibuzo ahlukahlukene angu-120, uma esephelele amaphepha azoprintwa azoba ngu-30 million.

UMnyango uthe bahlose ukuthuthukisa izinga lokuphasa langonyaka odlule libe ngu-86% lifinyelele okungenani ku-90%.   “Iqiniso nokho ukuthi zikhona ezinye izinto ezenza kube nzima ukuphasa bonke abafundi bethu , yingakho sithi, uma ngokudabukisayo singatholi u-100%, kumele siqinisekise ukuthi asitholi ngaphansi kwalokhu. U-90%, okusazoba ngcono kakhulu kusukela  ngonyaka ka-2023”, kuchaza uHlomuka.

Ingxenye yalolu hlelo kwaba ukuthuthukiswa nokuqaliswa koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezemfundo luka-2024 kuzo zonke izifunda eziyi-12 KwaZulu-Natali.

Lezi zinhlelo zazihlanganisa uhlelo lwamakilasi asebusika phakathi noJuni noJulayi lapho abafundi banikezwa izifundo ezengeziwe ezifundweni abazithola ziyinselele.

“Njengamanje zonke izifunda zisemkhankasweni wokugcina wokweseka abafundi bakamatikuletsheni ngezimpelasonto zokufunda. Lokhu kubalulekile njengoba kunikeza abafundi bethu amathuba engeziwe okufunda ukuze bahlanganise ukuqonda kwabo futhi kukhuphule ukulungela kwabo.” kwebana uNgqongqoshe uHlomuka.

Kunezikhungo zokumaka ezingu-32 ezinabamaki ayi-7,614. Ukumakwa kuzoqala ngomhlaka 01 Disemba, 2024 kuphele ngo-Disemba 10, 2024.

Ngemuva kwalokho Ngqongqoshe Wezemfundo Kazwelonke kulindeleke ukuthi akhiphe umphumela ka-matric ngoJanuwari 15, 2025.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *