OWAMI THABETHE
UNdunankulu uMhlonishwa uThami Ntuli, usencome abomthetho ngemuva kokuba bedubule babulala abanye abasolwa ababili abahlobene necala lokubulala eHlokozi, elidlule nemiphefumulo yabantu abangu-7.
Abasolwa ababili badutshulwa ntambama ngoMgqibelo, 12 Okthoba 2024, ngemuva kokwenqaba ukuma ngesikhathi amaphoyisa ebona imoto yabo eMlazi.
“Siwushayela ihlombe umsebenzi oncomekayo wamaphoyisa ethu. Uphenyo olunzulu luveza imiphumela emihle. Nokho-ke ngeke siphumule singakabatholi abanecala lokubulala ngesihluku abantu abayisikhombisa abangenacala,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Iphoyisa ebeliyingxenye yomkhankaso wangoMgqibelo lithe amaphoyisa sekuphele amasonto ecupha abasolwa abebefunwa uthuli emkhankasweni womshoshaphansi obuhlanganisa nezithangami zamaphoyisa omphakathi (CPFs).
Iphoyisa lithe bancinzwe indlebe ukuthi abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lwe-silver-grey beya eMlazi.
“Siyibonile imoto sazama ukuyihlaba kodwa abasolwa bavulela ngenhlamvu, saphindisela kwashona ababili kwabathathu.”
Umsolwa oyedwa usindile wabaleka ngezinyawo amaphoyisa ethi ayamulandela.
Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili endaweni yesigameko, okusolakala ukuthi zihlobene nobugebengu baseHlokozi.
UNdunankulu uphinde wagcizelela elokuthi amalungu omphakathi eze ngaphambili nanoma yiluphi ulwazi olungasiza amaphoyisa ukuba abambe abenzi bobugebengu obunyantisa igazi.

