OWAMI THABETHE
Badutshulwe babulawa amaphoyisa aKwaZulu-Natali abasolwa ababili abebefunwa uthuli ecaleni lokubulawa kwamalungu omndeni ayisikhombisa okuhlanganisa nezingane ezintathu eHlokozi, eHighflats.
Kubikwa ukuthi abasolwa babulawe ngesikhathi sokudubulana emgwaqweni uSt Faiths ngoLwesibili womhlaka 08 Okthober ntambama.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abelandela umkhondo ngesikhathi ebona imoto ehambisana nencazelo yale okuthiwa ibihamba abasolwa.
“Amaphoyisa ayalele ukuthi umshayeli wemoto akame kodwa esikhundleni sokuthobela umthetho, abasolwa badubule bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa asala engenalutho ngaphandle kokuthi adubule ukuze azivikele,” kusho uNetshiunda.
Ngesikhathi sokudubulana kwadutshulwa abasolwa ababili balimala kabi. Ngemuva kokudubula kuphinde kwatholakala ukuthi kukhona owesifazane owayengaphakathi emotweni yabasolwa naye obenamanxeba okudutshulwa. Kutholwe isibhamu nesibhamu samaphoyisa kubasolwa
UNetshiunda uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha omunye umsolwa osinde ngokulambisa eboshwa nezinyawo.


