UMnyango wezaseKhaya usukhiphe isexwayisosokuthi omazisi bamabhuku sebephelelwa isikhathi

OWAMI THABETHE

UMnyango wezaseKhaya usuxwayise ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika abangenabo omazisi bamakhadi basengozini yokuntshontshelwa omazisi babo.

Ukuze kuqedwe ukukhwabanisa kukamazisi okusabalele, uMnyango Wezasekhaya ufuna ukuqeda omazisi abaluhlaza abangamabhuku.

“Sigqugquzela wonke umuntu ukuba athole umazisi oyi khadi futhi kuyavalwa ukukhishwa komazisi abaluhlaza abanamabhakhodi ukuze sikwazi ukusebenza endaweni ephephile,” kusho iPhini likaNgqongqoshe Wezasekhaya, uNjabulo Nzuza, etshela i-eNCA.

Ngaphambi kokuthi uNgqongqoshe Wezasekhaya amemezele ukuthi umazisi omdala awusebenzi, umnyango kufanele uqinisekise ukuthi wonke umuntu usene-smart ID card.

Njengengxenye yalo mkhankaso, umnyango welule izinsuku zokusebenza emnyangweni wakhe kuze kube uMgqibelo ongo umhlaka 12 Okthoba.

Ngenkathi uNaledi Pandor enguNgungqongqoshe Wezasekhaya ethula okokuqala iphrojekthi Ningizimu Afrika yamakhadi omazisi  ngo-2013,

uPandor wathi uzobeka usuku ngo-2016 ukuze kuqedwe ngokuphelele omazisi abadala eminyakeni emithathu ezolandela.

 Kepha izakhamuzi zakuleli azikaze zikwazi ukufaka izicelo zama-smart ID cards  okuyinkinga enkulu okufanele ixazululwe ngaphambi kokuba kuthiwe ama-ID amadala aluhlaza awavumelekile.

UNgqongqoshe wezaseKhaya uLeon Schreiber uthe izakhamuzi ezihlala ngokomthetho zizovunyelwa ukuthi zifake izicelo zomazisi njengoba umnyango wakhe usumi ngomumo ukuletha ushintsho ezweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *