Asibathandeni besaphila abantu

Angiphinde nginibhalele ngokudabuka emoyeni mangibona isizwe esimnyama siphakamisa umkhuba wokungamnaki ophilayo kunakwe kakhulu ongasekho, sekwaba yinjwayelo ukuthi umuntu anganakwa esaphila, angahlupheka umndeni ukhona unawo wonke amandla okulekelela lapho udingeka khona kodwa ungayingeni nokuyingena leyondaba. Angagula umuntu kudingeke imali ukuze kutholakale odokotela abaziwa njengochwepheshe kodwa umndeni ucashe ezintangeni uthole wonke umuntu ekhala ngokungabi namali yokumusiza kodwa kungathi angadlula emhlabeni bakhiphe imali engasukumi phansi ukuhlela umngcwabo wakhe kumiswe bonke ubuchwepheshe besimanje kuhlobiswe ngezimbali ungaze ufunge ukuthi kuyashadwa kanti cha kuyangcwatshwa.

Continue reading

Imibono yomphakathi mayelana nenkulumo eyethulwe uMengameli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa ayethule  ese-Cape Town mhla ziwu 09 kuFebhuwari ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni  iPhalamde, abantu babe sebebeka imibono yabo mayelana nenkulumo ayidlulisile esizweni abanye bakhombise ukungamethembi kanti abanye bakhombise ukumethemba basho kanje:

UMBONO KA NOMTHANDAZO MAGOSO KWA-MASHU MAYELANA NOKUKHUBAZEKA UKUTHI BAZIZWA KANJANI

Okungiphathakabi eyokucwaswa kwethu engathi uma ukhubazekile unokugula, abantu abasihloniphi futhi abasithathisi okwabantu abaphilayo,kakhulukazi thina esinokukhubazeka okungavelile obala ngisho ngoba ngazalwa ngingezwa endlebeni eyodwa uma umuntu ungamuzwanga uzozwa esekuthuka noma akubize ngawo wonke amagama, unempakamo, uyazitshela kanti awumuzwanga.

Continue reading