Angiphinde nginibhalele ngokudabuka emoyeni mangibona isizwe esimnyama siphakamisa umkhuba wokungamnaki ophilayo kunakwe kakhulu ongasekho, sekwaba yinjwayelo ukuthi umuntu anganakwa esaphila, angahlupheka umndeni ukhona unawo wonke amandla okulekelela lapho udingeka khona kodwa ungayingeni nokuyingena leyondaba. Angagula umuntu kudingeke imali ukuze kutholakale odokotela abaziwa njengochwepheshe kodwa umndeni ucashe ezintangeni uthole wonke umuntu ekhala ngokungabi namali yokumusiza kodwa kungathi angadlula emhlabeni bakhiphe imali engasukumi phansi ukuhlela umngcwabo wakhe kumiswe bonke ubuchwepheshe besimanje kuhlobiswe ngezimbali ungaze ufunge ukuthi kuyashadwa kanti cha kuyangcwatshwa.
Imali esesiyichitha emingcwabeni kulezinsuku iningi kakhulu kanti imali ebisuke ingasiza ekuphakamisa noma ukulekelela omunye umuntu emndenini osaphila singayichithi yonke koselele, sizwe sakithi ubuyaphi lomkhuba wokuthanda umuntu kakhulu engasekho ebe kade enganakwa esaphila?.
Sizwe esimnyama isibusiso somuntu kungaba yilunga lomndeni noma umzali sitholakala emazwini akhe esaphila uma umenzele okuhle ngenhliziyo yakho wakwamukela ngenjabulo asho nje amagama ambalwa athi uNkulunkulu akubusise ngempela uyozibona izibusiso, kanti nesiqalekiso esikhulu sihlezi kophilayo uma umuzwise ubuhlungu wakubambela inhliziyo awusoze walungelwa ilutho.
Kubalulekile ukuzifundisa ukubathanda besaphila abantu kungaba abazali bethu okanye izihlobo zethu ngoba isibusiso sihlezi kophilayo .
Obhalayo nguMfundisi Katlego Nare ophinde aziwe ngoMtakaPortia.

