THOBILE MBATHA
Siyethusa isibalo sokukhulelwa kwentsha eNingizimu Afrika njengoba imininingwane ikhomba izinga lokukhulelwa kwentsha ibeka kanzima izinhlelo zayo zezempilo nasemiphakathini.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe,Ngo-2021, abeStatistics South Africa babike ukuthi bangu-142 704 abantwana abazalwa omama abaneminyaka ephakathi kuka-10 no-19.
IKwaZulu-Natali iyona ehamba phambili ngezibalo zokukhulelwa kwentsha njengoba zingu-36 171 izingane ezibeletha zineminyaka engu-10 kuya ku-19 ubudala abasafunda isikole. uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk. Angie Motshekga, wabikela iphalamende ukuthi bangu-91 000 abafundi abakhulelwa ngo-2021.
ISouth African Council of Educators (SACE) ihlonze ama-blesser nothisha njengabaneqhaza ekukhuleliseni izingane okukhathazayo ukuthi izinga lokukhulelwa lwentsha iwu-326 ethola usizo lwezempilo ezibhedlela eziphansi kwalesifunda-Ugu, KwaZulu-Natal lalingu-19.9%.
Ukukhulelwa kwentsha kuwumphumela wezinkinga zezomnotho nezenhlalo ezihlobene, njengobumpofu, izinga lemfundo, izimo zomphakathi nezemvelo, kanye nezinhlelo zezempilo kufakazelwa inani lomama abasebancane abanophathina abadala.

