Uyaqhubeka umbango wegama kanye nelogo phakathi kweMK Party kanye ne ANC

Uyaqhubeka umbango wegama leqembu loMkhonto Wesizwe Party kanye nelogo,njengoba iqembu leAfrican National Congress (ANC) likhala ngokuthi igama liwumlando kanye nefa leqembu leANC. UMnu Jacob Zuma bekungamele asebenzise leligama ngoba lizodala ukuthi kube nokudideka kubantu ngesikhathi sekumele bavote ngenxa yokuhlobana kwegama, ilogo kanye nemibala efanayo neye ANC.

Continue reading

UPhiko lwe ANCWL  selunxuse amaPhoyisa ukuthi aqhamuke nohlelo lokuqapha udlame ngesikhathi sokhetho

UPhiko lwabesifazane leqembu le African National Congress (ANCWL) selinxuse uJenene wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uMkhwanazi ukuthi aqhamuke necebo elizosiza ukuqapha izenzo zodlame ngesikhathi sokhetho. Lokhu kuza emuva kokuthi kunezinsolo zokuthi amalunga eqembu le-IFP ashaye alimaza amalunga e-ANC ngoMgqibelo ngesikhathi kade kunomcimbi wokukhunjulwa kweminyaka engu 110 kwakhothama Inkosi uDinuzulu kaCetshwayo.

Continue reading

Iqembu le IFP liphika izinsolo zokuthi abalandeli balo bashaye balimaza abe ANC emcimbini wokukhumbula Inkosi uDinuzulu

Iqembu le-IFP selikhiphe isitatimende liphika izinsolo zokuthi abalandeli balo bashaye balimaza abalandeli beqembu le ANC, ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iminyaka engu 110 kwakhothama Inkosi uDinuzulu. Lokhu kuza emuva kokuthi uphiko lwabesifazane be ANC (ANCWL) likhiphe isitatimende lisola iqembu leIFP ngokuba ophakimpi.

Continue reading