UMengameli uRamaphosa ugcine ebakhiphile oHlophe noMatata ezikhundleni zabo zokuba amaJaji kuleli
Ekugcineni emva komzukuzuku kugcine kukhishiwe amaJaji amabili ezikhundleni zawo okungo John Mandlakhe Hlophe kanye no Nkola Motata. Lokhu kuza emuva kwesimemezelo sikaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa esikhishwe ngolwesine lomhlaka 7 Mashi 2024, ngenxa yesinqumo esathathwa iPhalamende ukuthi bagudluzwe ezikhundleni zabo.

