Asizifundise ukubonga usizo esiluthola kwabanye abantu
Kuhle ukumbonga umuntu uma ekusizile ngoba naye kusuke kunalapho edinga khona usizo okungenzeka ube nalo nawe usizo lwakhe
Kuhle ukumbonga umuntu uma ekusizile ngoba naye kusuke kunalapho edinga khona usizo okungenzeka ube nalo nawe usizo lwakhe
Ngiyabingelela sizwe sakithi, nalo udaba lomkhuba ozwisa ubuhlungu ushaqise imizimba esesawujwayela, umkhuba wokuhlukumezana ngokothando. Waze wamubi lomkhuba engabe sawuthathaphi wesizwe esimnyama ? Uthando aluhlukumezi futhi alukhalisi kanti aluchithi negazi , engabe lolu esinalo namhlanje saluthathaphi ? Kulula nje kowesilisa ukubulala owesifazane oke wathi uyamthanda wamthembisa izulu nomhlaba bese ngephutha elincane usuyambulala ngesihluku abanye baze bashiswe abanye bacwiywe amalunga emizimba alahlwe ehlathini.
Sanibonani sizwe sakithi Bantu bakithi ngezinye izikhathi kuhle ukuvuma ukuqondiswa mangabe senze amaphutha, abaqondisa amaphutha sisababiza ngezitha kanti futhi siphila emhlabeni onezinto zawo.
Ngiyabingelela sizwe sakithi, nginibhalele loludaba lokuniqwashisa ngento engehlela noma ubani kulomhlaba, Ukucindezeleka ngokomqondo (Depression).
Sanibonani sizwe sakithi nginibhalele ngaloludaba olubuhlungu mayelana nesenzo esibi esesaba yinjwayelo kithi singabantu, ukwehluleka komunye sesikuphendula ihlaya sihlekise ngakho.
Angibingelele sizwe sakithi , kubesenhliziyweni yami ukuthi nginibhalele ngesixwayiso sokuphepha kulempelasonto yePhasika, esikhathini esihle sesikhumbuzo sokufa nokuvuka kweNkosi uJesu Kristu masingakhohlwa ukuthi noSathane usemsebenzini ngazo izikhathi ezinjena, masiqaphele ukushayela ngesivinini esiphezulu nokushayela siphuze amanzi amponjwana ukuze sivikeleke ezingozini zemigwaqo, masikuqaphele futhi nokuhamba ebusuku okungenasidingo ngoba nobugebengu buningi ngalezikhathi wonke umuntu ufuna imali ukuze azijabulise kulempelasonto nezigebengu zidlangile nazo.
Sanibonani sizwe sikaMthaniya. Angiphinde nginibhalele ngaloludaba olungithinta inhliziyo luyephule , zihlobo kuhle ukuxolisa kumuntu uma ngabe umonile
Umelaphi wendabuko odumile eThekwini uDktl.Andile Dlamini odume ngelikaMzimb’ukhalimali ubabaza ukuthwasa kwezingane ezisencane ezisafunda isikole.
Anginibingelele sizwe sakithi, nalu udaba nginibhalela ngibuhlungu ngokubona isizwe sakithi sibanjwa ubulwane bokungabi nokwesaba ukubulala umuntu, uvalo selwayaphi kithi singabantu?
Ngiyabingelela sizwe sakithi, bengithanda nje ukuxwayisa abantu ngaloludaba oluthanda ukuba buhlungu kanti nesenzo sakhona sesaba yinjwayelo kubantu , asiwuyekeni lomkhuba wokuhlonipha umuntu ngoba enokuthile kodwa ongenalutho singamhloniphi .