Ake siyeke ukubukela phansi umuntu ngoba engenalutho

Ngiyabingelela sizwe sakithi, bengithanda nje ukuxwayisa abantu ngaloludaba oluthanda ukuba buhlungu kanti nesenzo sakhona sesaba yinjwayelo kubantu , asiwuyekeni lomkhuba wokuhlonipha umuntu ngoba enokuthile kodwa ongenalutho singamhloniphi .

Wonke umuntu udalwe nguMvelinqangi ngokwenjongo yakhe futhi ufanelwe ukuhlonishwa , kubuhlungu ukubona umuntu edelelwa noma esemdala ngoba engenalutho kuhlonishwe ingane ngoba inotho noma iphumelele , mubi lomkhuba asiwuyekeni sizwe sakithi , kuthi noma kunemihlangano yemindeni ongenalutho noma engaletha umbono ophilayo ozwakalayo awuthathwa ngoba akanalutho, kwasemphakathini abanye sebengcwatshwe bephila ngoba bengenalutho, akekho nofisa ukulalela nokuphawula kwabo, uma kwenzeka bebhekana nenkantolo noma bengenze lutho bavele badliwe yicala ngoba alizwakali iphimbo lomuntu ongenalutho , bagcina beboshelwa nezinto abangazenzile ngoba nje isimo somnotho siphansi Kubo ,angabe kuyicala yini ukuswela ? Umuntu makangahlonishelwa izinto anazo kodwa ahlonishelwe ukuthi ungumuntu ngoba wonke umuntu uyisidalwa sikaThixo 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare.