Sanibonani sizwe sakithi Bantu bakithi ngezinye izikhathi kuhle ukuvuma ukuqondiswa mangabe senze amaphutha, abaqondisa amaphutha sisababiza ngezitha kanti futhi siphila emhlabeni onezinto zawo.
Onezikhathi zenjabulo futhi nezikhathi zobunzima ,ngoba nathi asenziwe ngensimbi kodwa sadalwa ngenyama angeke kwenzeke singabi nawo amaphutha. Wonke umuntu uyohlezi enamaphutha akhe. Kukhona abasibonisa amaphutha ngenjongo ezinhle zokusibuyisela endleleni kodwa isikhathi esiphila kuso abantu abasaboniswa amaphutha wambonisa iphutha lakhe usuphenduke isitha esimonelayo.
Akusibona bonke abasikhuzayo noma abasiqondisayo abayizitha kodwa abanye bakwenza ngoba bethanda futhi besikhathalele. Uyingozi umuntu ophila ngokwakhe ongaboniswa phutha ngoba amanye amaphutha adonselana ethuneni noma ebumnyameni obungenamkhawulo. Masihlolisiseni abasibonisa amaphutha akubona bonke abafuqwa umona kodwa abanye benza ngoba besikhathalele.
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare

