UMasipala weTheku uqhuba umkhankaso weOperation Good Hope ukuze kulungiswe ukulethwa kwezidingo kubantu

Ukuzibophezela kukaMasipala weTheku ekulethweni kwezidingo kubantu kulokhu kuqhubeke njalo njengoba uPhiko lwe Area Based Management South Durban Basin ngokubambisana namathimba eminyango ehlukene eMkhandlwini abehambele endaweni ese Winchelsea Avenue eBluff, ngenhloso yokuhlola izitolo ukuthi abanikazi bazo ingabe bayayigcina yini imithetho ebekiwe.

Continue reading

Ukhetho luka 2024 luqopha umlando weminyaka engu-30 iNingizimu Afrika ibuswa ngokwentando yeningi

Ukhetho luka 2024 luzobe luqopha umlando  njengoba iNingizumu Afrika  ibungaza iminyaka engamashumi amathathu  (30) ibuswa ngokwentando yeningi. Lokhu kushiwo uMnu Sy Mamabolo oyi Chief Electoral Officer , emva kokuba uMengameli wezwe ememezele usuku lokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe oluyobe lungomhlaka 29 enyangeni kaMeyi 2024.

Continue reading

UMengameli weUDM uthembise ukulwa nenkohlakalo ngesikhathi ethula iManifesto

UMengameli weqembu le United Democratic Party (UDM) uGeneral Bantu Holomisa  wethembise ukwenza konke okusemandleni ukuqeda nya  ngendaba yenkohlakalo uma iqembu lakhe lingathola ithuba lokuphatha izintambo zombuso kuleli.Lokhu uHolomisa ukusho ngesikhathi ethula ngokusemthethweni iManifesto yeqembu lakhe ngoMgqibelo womhlaka 2 Mashi 2024 eMidrand eGauteng.

Continue reading