ZETHU PHOSWA
UKUBUYISELWA komhlaba kubanikazi bawo, ukudala amathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa kwezomnotho, kube yiko okube seqhulwini ngesikhathi kunomcimbi wokwethulwa komhlahlandlela weqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF), obusenkundleni zemidlalo eMoses MabhidaStadium eThekwini, mhlaka 10 kuNhlolanja.
UMengameli wale nhlangano yezepolitiki uMnu Julius Malema, ukucacisile ukuthi kabanazo izethembiso kodwa banohla lwezinto abazozenza uma benqoba ukhetho lwalo nyaka.
“Okunguwona mgomo wethu ukubuyisela umhlaba kubanikazi bawo, okungowabantu abamnyama. Lokhu sikwenza ngaphansi kwesiqubulo sethu esithi, ‘Ourland and Jobs now, Stop loadshedding’, okusho ukubuyiswa komhlaba kubantu baluleli, isidingo sokusungulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuqedwa ukucishakonga kukagesi ngenhloso yokuwonga,” kubeka uMnu Julius Malema.
“Abantu bakithi bahluphekile kakhulu bephucwa okungokwabo, manje sifuna ukubuyiselwa umhlaba wethu ngoba ingxenye eningi isaphathwe ngabantu abahlophe. Kasikwazi ukuthi sikhiphe imali sikhokhele indawo yethu, sifuna abantu bekwazi ukuba namabhizinisi abo, ukuze ubenebhizinisi kufuneka ubenendawo ozokwakha kuyo ibhizinisi” Kusho uMalema
Eqhuba uJulius uthe njengoba lelizwe lisahluleka ukuba nezinkampani ezikhiqiza izinto ezisetshenziwa njalo ezifana nomuthi wokugxubha kusho ukuthi inkulu inselelo elisabhekene nayo.Wathi iqembu le-EFF uma lingathola ithuba lokuba semandleni lingadala amathuba omsebenzi ngokuthi zonke izidingonqangi zikhiqizwe izinkampani zakuleli ukuze abantu baseNingizimu Afrika bezothola imisebenzi.
“Isifundazwe saseGauteng sesiminyene ngenxa yokugcwala kwabantu abasuke befuna ukuthuthukisa izimpilo zabo, siyiqembu le-EFF sikubeka phambili ukuthuthikisa komnotho kozona zonke izifundazwe kanye namadolobha ukuze umnotho wakuleli usimame” Kusho uMalema.
Ekhuluma ngodaba lokucishwa kukagesi uJulius uthe ngeke izwe liyephambili uma lisaphila ngokuhlaliswa ebumnyameni. Ukucishwa konga kukagesi kuhlukumeza imindeni, kucekela phansi amabhizinisi kuphinde kuphamazamisa ukufunda nokufundisa.
Uthi ufuna imfundo ibe mahhala, ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uphinde wathi kufanele kuqiniswe ezokuphepha kuleli, njengoba izibhabhamu ezingekho emthethweni ziyinsakavukela umchilo wesidwaba.

