SHEILA MHLONGO
Ukuzibophezela kukaMasipala weTheku ekulethweni kwezidingo kubantu kulokhu kuqhubeke njalo njengoba uPhiko lwe Area Based Management South Durban Basin ngokubambisana namathimba eminyango ehlukene eMkhandlwini abehambele endaweni ese Winchelsea Avenue eBluff, ngenhloso yokuhlola izitolo ukuthi abanikazi bazo ingabe bayayigcina yini imithetho ebekiwe.
Kanti kulokhu osomabhizinisi abatholakale bengenawo amalayisense okuhweba bahlawulisiwe kwaphinde kwasuswa nokudla osekweqiwe isikhathi emashalofini

