Kukhuthazwa abafundi okuchithwe izicelo zabo zesibonelelo se NSFAS ukuthi bafake izikhalazo

SHEILAMHLONGO

Abesikhwama sw National  Student Financial Aid Scheme (NSFAS) bakhuthaza abafundi okuchithwe izicelo zabo zoxhaso lwemali ukuthi baphinde bafake izikhalazo zabo.

Abafundi abachithiwe izicelo zabo kumele bafake  isikhalazo ngokungena ku-myNSFAS website bafake yonke imininingwane edingekayo, ezinsukwini ezingu-30 bethole umphumela wesicelo sabo.

“Abafake izicelo ezingaphumelelanga bazobona umbhalo othi appeal option, uma bengena ku- myNSFAS website, kumele bacindezele khona ukuze baqale ukufaka isikhalazo sabo.” Kusho uNSFAS.

Ngokusho kwesitatimende seNSFAS sibalule izimbangela ezenze ukuthi abanye abafundi bangaphumeleli kwizicelo zabo okubalwa phakathi kwakho imali eholwa abazali ekhaya engaphezu kuka R350,000 ngonyaka, ukwehluleka ukuhlangabezana nemiphumela yemfundo, kanye nesicelo esingenayo imininingwane ephelele.

UNSFAS ugcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi abafaka izicelo kumele baqaphele ukufaka yonke imininingwane ebalulekile noma uma behluleka lokho kungadala ukuthi kube nokubambezeleka kwesicelo noma singaphumeleli.

Ukuqinisekisa ukuthi isicelo siyaphumelela umfundi kumele afake wonke amaphepha adingekayo, okungaba imiphumela yemfundo, isitatimende sezimali, incwadi efungelwe, kanye nanoma yini engafakazela isidingo sakho sokuthola uxhaso lwemali. Kanti futhi ukuphumelela kwesikhalazo kuyoya ngobungako bemali ekhona esikhwameni.

Ukufakwa kwezicelo esikhwameni seNSFAS kwavalwa ngomhlaka 15 Febhuwari.Abafake izikhalo banxuswa ukuthi babekezele ngoba kungathatha isikhathi.

ISikhwama se-NSFAS sesikhokhe isamba semali ebalelwa ku R2,8 billion kumanyuvesi kanye nesamba sika R580 million kuma Technical Vocational Education and Training (TVET) Lesamba sihlanganisa indawo yokuhlala kanye nemali yezincwadi elingene inyanga eyodwa. SANews.gov.za

Description: SAnews Facebook
Description: SAnews Twitter
Description: SAnews WhatsApp
Description: SAnews Email

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *