Ukhetho luka 2024 luqopha umlando weminyaka engu-30 iNingizimu Afrika ibuswa ngokwentando yeningi

SHEILA MHLONGO

Ukhetho luka 2024 luzobe luqopha umlando  njengoba iNingizumu Afrika  ibungaza iminyaka engamashumi amathathu  (30) ibuswa ngokwentando yeningi. Lokhu kushiwo uMnu Sy Mamabolo oyi Chief Electoral Officer , emva kokuba uMengameli wezwe ememezele usuku lokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe oluyobe lungomhlaka 29 enyangeni kaMeyi 2024.

“Ikhomishini izimisele futhi isikulungele ukuqhuba ukhetho, bonke abasebenzi sebelungele ukwenza umsebenzi wabo wokuqinisekisa ukuthi bahlangabezana nakho konke okumele bakwenze ukwethula ukhetho.” Kusho uMamabolo ngesikhathi enesigcawu nabezindaba ePitoli ngeviki eledlule.

UMamabolo uqhube wathi ukhetho lwalonyaka luza nokusha njengoba abavoti bazothola iBallot yesithathu emayelana nokhetho lukazwelonke kanye nakuzifundazwe kanye nobukhona kwabamele ukhetho ngokuzimelo okuyinto entsha.

Kulolukheth uMamabolo uthe ikhomishini iyakhuthaza ukuqokwa kwabazongenela ukhetho (Candidates)  kusetshenziswa uhlelo lwe online

UMamabolo uchaze wathi bonke labo abazimisele ukungenela ukhetho ngokuzimela( Independent ) kanye namaqembu ezepolitiki  kumele balethe izinfanelo zabo ngomhlaka 8 Mashi ngesikhathi sehora lesihlanu ntambama (17:00).SANews.gov

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *