U-Anele Mthembu wenhlangano Ubunye Foundation ufisa ukuyibona isabalala nakwezinye izifundazwe

OWAMI THABETHE

U-Anele Mthembu wenhlangano  Ubunye Foundation uthi kulonyaka ka 2025 into ayifisayo ukubona inhlangano yabo ithuthuka iyaphambili iphinde isabalale nakwezinye izifundazwe njengoba ilekelela kakhulu abantu abasha abanamakhono ahlukene abathanda ukuba abalingisi ,abadlala ibhola,abashaya izinkondlo,abamodelayo.

“Inhloso yethu ukuthi asifisi ukubona abantu abasha behlezi namakhono abo ekubeni Ubunye Foundation bukhona bungabasiza kumakhono abo kusho umsunguli walenhlangano ophinde abe umsakazi weZwi Lomzansi FM u-Andile Mthembu.” eqhuba ethi kuningi akufisela abantu abasha njengoba ephinde ehlele imidlalo ebizwa ngeSiyabangena Tournament.

“Izinhlelo esinazo kulonyaka ukuthi sivakashele izikole zasemakhaya sibheke abafundi abanamakhono ahlukene sibasize ngokubayisa ezindaweni ezahlukene sifisa nokusebenzisana nezinkampani ezahlukene ezingakwazi ukusisiza kwezinye izinto njengoba sibuye silekelelwe iHollywood, Albany,aqualle makukhona izinto esizenzayo siyacela ukuthi nomasipala bekwazi ukulekelela uma sidinga usizo njengoba sithuthukisa intsha.

Into esiyifundile ngonyaka odlule siw’Ubunye Foundation ukuthi ungazingabazi ngento ofisa ukuyenza ungasabi ungabi novalo kodwa into yakho yenze ngoba baningi abantu abasizakalayo ngaleyonto oyenzayo nanokuthi kuningi esikufundayo uma sisebenza ngabantu

Engifisa ukukudlulisa ukuthi mhlaka 15 Feb sizoba neworkshop lapho esihlanganisa khona Abantu abathanda ukuba abalingisi Mase kuthi ngamaholidi ephasika siba nemidlalo ebizwa ngeSiyabangena Tournament lapho sibheka khona amakhono kwintsha yesifunda Ilembe.

Siyatholakala kufacebook uzosesha uthi Ubunye Foundation noma uthi Andizo mthembu noma sikhonzeni Mthembu ungaphinde usithole kulezinombolo 0623028818 noma 0793693509.” Kuphetha yena u-Anele Mthambu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *