Bebebulala inyoka abantu koweDundee July

Esithombeni: UNdunankulu nabaphume phambili kwigqephu uSamkelo Makhubalo onqobe umkomelo we Best Creactive designer ongumfundi wase Mgungundlovu TVET College.

SHEILA    MHLONGO

Amakhaza abeshubisa umkantsha nezulu ebelikhiza alibathenanga amandla abantu abebephume ngobuningi babo ukuyothamela umtelebhelo wamahhashi kwiDundee July 2025. Kulo mcimbi umphakathi awugcinanga ngokuthokozela umtelebhelo wamahhashi kuphela, uthole nethuba lokubuka ingqephu namaciko ahlukene abenandisa.

Kuqalwe mhla zingu-18 lapho bekunemiviliyelo kwaphinde kwanombukiso wengqephu ezitaladini zaseNdumeni. Kulokhu umhlanganiso udliwe ihhashi uMpendulo obegitshelwe uZakhele Mkhabela waseMajuba ohlomule ngo-R400 000.

Ihhashi, uMoses waseMpumalanga ulale isibili wathola umklomelo ka-R100 000, Ihhashi, Amazondo esifunda Amajuba ophume endaweni yesithathu uthole umklomelo ka-R70 000.

Ekhuluma uNdunankulu wakwaZulu-Natal uMhlonishwa Thami Ntuli uthe, “Ngibonga bonke abantu ababambe iqhaza ukuze lomcimbi ugcine uyimpumelelo. Naze nabahle bantu bakwaZulu-Natal. Kuyintokozo ukuthi kwaba khona onombono omuhle kanje.” Ubesephosela umphakathi inselelelo yokuthi kumele kube yibo abazithwesa umthwalo emahlombe ukuqhamuka nezindlela kanye namasu okusebenzisa lomcimbi ngoba usuke wenzelwe wona umphakathi wase Dundee ukuthi uzithuthukise njengoba lomcimbi wenzeka minyaka yonke futhi ufaka nezemfashini kanye nosomabhizinisi bendawo.

UNtuli usho lokhu ethula inkulumo yosuku kulomcimbi -20. Lapho edalule khona ukuthi kusemahlombe omphakathi ukwenza izinto ezinhle nezinkulu ukuveza amakhono abanawo.

“Lona  umcimbi wenu enaziqalela wona nisuka nawo phansi njengoba usukuleli zinga okulona manje thina okwethu siwuhulumeni ukuqhubeka siwuxhase nje ukuthi uyephezulu kodwa okuningi kulele kunina mphakathi ukuthuthukisa uyephambili njengoba sizwile ukuthi izindawo zokulala zigcwele kwaze kwaphoqeleka ukuthi abanye abantu abeze kulomcimbi balale ezindaweni ezikude kunalana.

Lokhu kuniphosela inselelelo yokuthi akwandiswe ezinye izindawo zokulala eziseduze nakulendawo. Ephetha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *