UMqondisi Jikelele ufike nezindlela ezitsha zokuhanjiswa kwezidingo kubantu

SHEILA MHLONGO

UMqondisi  Jikelele omusha woPhiko lwemiSebenzi yoMphakathi kanye neZimo eziPhuthumayo (Community and Emergency Services Cluster) uDktl. Vusi Mazibuko uthi ufuna ukuqhuba  umsebenzi ngezindlela  ezintsha zokuhanjiswa kwezidingo kubantu   kanye nokwakha ubambiswano  nezinye izinhlaka zikahulumeni.

Ukholelwa ukuthi lokhu kuzosiza ekunqandeni “ukungabambisani kweminyango” okuphazamisa kakhulu ukuhlinzekwa kwezidingo emphakathini ngendlela ephumelelayo.

UDktl. Mazibuko, oqokelwe lesi sikhundla kusukela ngomhlaka 01 Meyi 2025, uthole umsebenzi wokuhola lesi sigatshana njengoMqondisi Omkhulu, isikhundla esasaziwa ngaphambilini njengeSekela Mphathi Dolobha (Deputy City Manager).

LoluPhiko lufaka phakathi ezamaPaki, ezokuNgcebeleka kanye nezamaSiko, ezeMpilo, eziphathelene nezoLimo, iziNkundla zezeMidlalo, ezoMlilo neZimo eziPhuthumayo, ezamaDolobha aPhephile kanye nokwengamela ezokuPhepha.

Okuyizinto azibeke eqhulwini, uthi, ukuhola ubambiswano phakathi kweminyango ebalulekile kumasipala emayelana nokuhanjiswa kwezidingo kubantu   ukuze kube nomphumela ozosiza ukonga izimpahla  zikaMasipala.

Ukwakha ubambiswano oluqondile nezinye izigatshana ezifana noMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho kuzophinde kuthuthukise ukuhanjiiswa kwezinsiza futhi kwenze umehluko emphakathini.

“Ukungabambisani kweminyango wumkhuba engifuna ukuwuqeda ngempela. Sidinga indlela ehlelelekile yokuhambisa izidingo. Siphoxa umphakathi uma umnyango owodwa usika utshani bese ushiyela omunye ukuthi azowuqoqa. Uma sisiza imiphakathi sisebenzisana, sizoba nomthelela obonakalayo,” kusho uDkt Mazibuko.

Uchaze lesi loluPhiko lwakhe  njengezinhliziyo zeDolobha laseThekwini, elidinga amandla anele ukuze lihambise izidingo ubusuku nemini.

 “Yonke iminyango ngaphansi kwaloluphiko  ibalulekile futhi isemgqeni wokuqala wokuhambisa izidingo. Ukuqeqeshwa kwabaphathi abaphakathi kanye nezinduna kuzokusiza ngoba yibo abaqinisekisa ukusebenza ezansi.

Abaphathi  abaphakathi nendawo babalulekile ekuqhubezeni ukusebenza kwabasebenzi abasezingeni eliphansi kanye nabasezingeni eliphezulu. Ngakho-ke kubalulekile ukugcwalisa izikhala ezikhona eziphethwe ngabantu abasebenza okwesikhashana,” esho.

UDkt Mazibuko uthe kuzoba “ukusebenza ngendlela engajwayelekile” uma eseqale ukusebenza. Uthi ufuna ukukhuthaza izinto ezintsha.

“Kungenzeka ngingabi nazo zonke izixazululo zezinkinga ezibhekene nemiphakathi yethu kanye nophiko lwethu kodwa nginekhono elifanele, isipiliyoni kanye nobuchwepheshe kanye nethimba eliqinile engisebenza nalo, sizoletha ushintsho. Sifuna ukuthola izindlela ezintsha, ezisebenza kahle zokwenza izinto, hhayi ngendlela esasiyenza ngayo eminyakeni eyishumi eyedlule. Ngiyakholelwa ukuthi sizolwenza ushintsho ekugcineni futhi imiphakathi izobona umehluko.” kuthembisa uDkt Mazibuko.

Eminyakeni engamashumi amabili  (20 years of service) esebenza kuMasipala weTheku, usebone iDolobha lenza kahle kakhulu kanye nasezikhathini ezinzima.

Intshisekelo yakhe ekuthuthukisweni kwezemidlalo yaziwa kahle njengoba ekade ephethe izinkundla zedolobha kuhlanganisa neMoses Mabhida Stadium. UDkt Mazibuko uphethe ngokuthi ufuna ukusebenzisa izindlela ezihlukile ukuze aqinise futhi aphathe izigaba ezikuSigatsheni sakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *