SHEILA MHLONGO
UThobile Blose ungusomabhizinisi futhi ungumsizi wentsha, owake waba nguMiss waseMlazi, owazalelwa waphinde waziwa kakhulu endimeni yezokumodela nokuyilapho wazuza khona ukuba uMiss Mlazi kanti akagcinanga lapho uphinde akuthathe njengomgomo wempilo yakhe ukugxila ekwesekeni nasekunikezeni amandla amantombazane asemancane aselokishini, ukuhlinzeka ngenkundla yamazwi endawo.
Ukuqinisekisa ukuthi sibuyisa isithunzi entsheni ukuze sibe isibonelo esihle, ukuzigqaja kanye nokufukula amantombazane ethu njalo yinto esiyibeka eqhulwini ekwakheni imiphakathi eqinile. Ngaqala inkampani ngo-2013, ngathatha isinqumo sokuthi ngolwazi lwami nolwazi enginalo kufanele ngifake isandla ekuthuthukiseni nasekuqeqesheni abanye. Ngakho-ke umsebenzi engiwenzayo nge-CTGAL Campaigns ubalulekile kumina. Sisiza amantombazane asemancane ukuthi anqobe lezi zinkinga kusenesikhathi.
Ngikholelwa ngempela ukuthi ubuhle buvela ngaphakathi, akubona ubuhle bangaphandle kodwa umuzwa wokuthula kwangaphakathi.
Sithonya umuntu ngamunye esihlangana naye umgomo wethu uwukuba nethonya elihle kubo nokubuyisa intsha igxile ekuzizameleni impilo ikakhulu kazi emabhizinisini ehlukahlukene.

