SHEILA MHLONGO
Ukhombise impumelelo enkulu umbukiso we North Regional Durban Business Fair, obubanjelwe enxanxatheleni yezitolo iKwaMashu eBridge City Shopping Centre ngempelasonto yomhlaka 28- 30 Mashi.
Impumelelo yalombukiso ifakazelwe isasasa losomabhizinisi abancane (SMMEs) abebekhangisa ngezimpahla zemisebenzi yabo kanye nemikhiqizo abazenzela yona. Kanti ngaphezu kokukhangisa ngemisebenzi yabo baphinde bathola ithuba lokuhlanganyela nosomabhizinisi abakhulu, kanye namakhasimende, baphinde bathola nethuba lokucotshelelwa ngolwazi kuma workshop abeqhutshwa.
Lombukiso uphinde waheha izivakashi ezibalelwa ku-9 000 ebezizobheka imikhiqizo yasendaweni futhi zisekele abakhangisi.
Lombukiso uphinde wathola ukwesekwa ukubambiswana phakathi kwe Durban Business Fair kanye ne New Bridge City Graduate Training Institute,ngokwethula umncintiswano wokunika intsha engosomabhizinisi esukela eminyakeni engu-18-35 ubudala ukuthi ikhangise ngamacebo amabhizinsi (pitching session)
Abebebambe iqhaza kulomncintiswano bebephendula imibuzo emayelana nezinhlelo zabo zamabhizinisi, kwathi abayishumi abaphezulu bathola ama-bursary angu-R50 000 ekufundweni kwe-Business Administration NQF Level 5.
Omunye wabaphumelele, uThandeka Ntombela waseNtuzuma, uveze injabulo yakhe wathi:
“Leli ithuba lishintshe impilo yami, lizongivulela amathuba amasha. Leli bursary lizonginika amakhono adingekayo ukuze ngiqale ibhizinisi lami ngempumelelo.”
Ophinde wezwakalisa ukubaluleka kwalomncintiswano nguNathi Ndlovu we-New Bridge Graduate Training Institute, othe:
“Lolu hlelo lihlose ukuhlinzeka intsha ngamakhono azobasiza ukuba babe negalelo emnothweni. Ukuthuthukiswa kobungcweti kubalulekile ekukhuleni kosomabhizinisi.”
Abakhethwe kulo mqhudelwano bazoqala izifundo zabo ngoJuni ezikhungweni zasePinetown noma eMusgrave.
Okunye okuvelele kulo mbukiso kube yi-Construction Development Indaba, egxile emathubeni afana ne-Bridge City-KwaMashu Safe Hub kanye ne-KwaNozaza ICT Hub, okuhloswe ngazo ukuvuselela umnotho wezindawo zasemalokishini nokudala amathuba emisebenzi.
Izingxoxo ezakhayo zokukhuthaza abesifazane kwezomnotho zihlanganise izazi ezifana noHappy Ngidi we-Proudly South African noFezile Mdletshe we-Fezile Fashion Skills Academy, obhekele ukuthuthukisa abasafufusa kwezefashini.
Ngaphezu kwalokho, i-Junior Chambers International imemezele ingqungquthela yayo ezayo ye-Africa and Middle East Conference ezobanjwa eThekwini mhla zingu-21 no-22 Meyi, okuhloswe ngayo ukwakha ukubambisana emazweni ase-Afrika.
USihlalo weKomiti ye-Economic Development and Planning, uKhansela Thembo Ntuli, uthe:
“Sijabule ukuthi leli thuba lokuthuthukisa osomabhizinisi abancane naphakathi liqhubeka nokuheha amabhizinisi avela kwizingxenye ezahlukene zomnotho. Ukubambisana kokuxhasa amabhizinisi amancane kubalulekile ekukhuliseni umnotho nasekuthuthukiseni umphakathi.”

