SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku ucacisa mayelana nesinsolo ezingelona iqinso ezenziwe, uKhansela we-Action SA uZwakele Mncwango mayelana nezindlela okwasingathwa ngazo izindawo zomphakathi (Fan Parks) ayehlelelwe umphakathi ukuthi ubukele umdlalo we Nedbank Cup Final.
UMasipala wenze inqubo yokuthenga ngezindlela ezisemthethweni, esebenzisa uhlelo lwe-Single Source Supplier (SSS), ukuze abalandeli bezobuka umdlalo njengoba amathikithi ayengatholakali ngenxa yokuthi abe esephelile. Kwasungulwa amaPVA amabili e-Albert Park naseDurban Beachfront ngenxa yokusondelana kwawo neMoses Mabhida Stadium.
Babalelwa ku-20,000 kuya ku-30,000 abathandi bebhola ababe khona kulezindawo zombili. Isabelomali sesi sonke saba-R3.6 million, kuhlanganisa izindleko zokuphepha, inkundla, izikrini, umsindo, abezimo eziphuthumayo, ukwakhiwa kweziteji, ukumaketha, ukuheha izixuku, nezokuzijabulisa. Lokhu kwasiza nasekudaleni amathuba emisebenzi.
Umenzi wesevisi (service provider) kwadingeka ahlinzeke ngombiko wokugcina ngemva komcimbi, lombiko osazokwethulwa kwiKomidi Lezinkonzo Zomphakathi futhi uyobe usukhishwa emphakathini.
Mayelana nezinsolo zamathikithi, iPremier Soccer League iyona ebiphethe ukuthengisa, futhi kwachazwa kabanzi ngalokho.
UMeya ukhansela Cyril Xaba uphawule ngokuthi uMasipala uyaziqhenya ngomsebenzi omuhle wokusingatha izinkulungwane zabantu ezingakwazanga ukuthenga amathikithi zakwazi ukubukela ngempumelelo nangenjabulo umdlalo we Nedbank Cup Finals nokulapho iKaizer Chiefs yehlula khona imbangi yayo iOrlando Pirates ngo 2-1.
UMayor weTheku, uKhansela Cyril Xaba, uthe:
“Ukhansela Mncwango akumphathanga kahle ukuthi umcimbi ube impumelelo. Uyingxenye yalabo abahlale bephikisana nempumelelo yoMasipala. Sicela apheze ukusakaza imininingwane engamanga, ikakhulukazi ezindabeni ezihlanganisa abantu baseThekwini.”

