NOMTHANDAZO MAGOSO
Inhlangano eku-Ward 13 eThekwini ebizwa nge-Amandla Embokodo NPO yenze umcimbi wokuzazisa emphakathini ngosuku lokukhumbula Nelson Mandela Loku bakwenze ngokumema inhlangano ebhekele ukukhuliswa kwezingane ngemfundo ebizwa iSmart Start ihambisana ne-NPO enakekela abantu besifazane iphinde igqugquzele nokuzikhulisa izingane ebizwa “Sivusa Ithemba Lembokodo”.
Lana ithimba le Smart Start bebenze iWorkshop echaza ukukhuliswa kwabantwana nokubaqeqesha ngokomqondo besebancane. Bebefundisa abazali abanakekela izingane ezinkulisa nabahlala nazo izingane .Babuye bachaza ukuthi banama trainings abawanika mahhala kothisha basema creche.


