Ukudayiswa kwempahla kwi-Auction kungenise isamba sika-R19 million eMkhandlwini

SHEILA MHLONGO

Ukudayiswa kwempahla kwakamuva obekubanjwe uMasipala weTheku, kule nyanga, kungenise imali engaphezu kuka-R19.8 million, etholwe ngokuthengiswa kwezimoto, izimpahla ezahlukene kanye nensimbi ezahlukene.

Kusukela eminyakeni emibili edlule, Ithimba leze Auction likwaze ukungenisa  imali engaphezu kuka-R100 million ngokudayiswe  kuma online auction angu-15 enziwa ku-inthanethi. Le mali ivame ukubuyiselwa eminyangweni efake izimpahla ezithengiswayo, ukuze kuthuthukiswe izinsiza zomphakathi.

I-Auction  yakamuva ihanjelwe abantu abalinganiselwa ku-529 kanye  nabesifazane ababe nothando lokuthenga abakhuphuke ngamaphesenti angu -3%. Nokho kujwayelekile ukuthi kurejistwe abantu abangu 90 kanye no-120 nge-Auction ngayinye. Kule Auction kube nabathengi ababalelwa ku 259, okuyinani eliphakeme kakhulu. Kuthengiswe izimoto ezingu-327, izimpahla ezingu-77, kanye nezingxube zensimbi ezingu-11.

UMphathi we-SCM, uMduduzi Tenza, uthe: “I-Auction isebenze kahle, sathola imali eyayilindelekile, izimoto eziningi zithengiswe ngaphezulu kuka-80% wentengo ebiqokiwe.” Leli bekuyi-auction  yesibili enkulu ngemali engenile, eyokuqala ibe eyokuthengiswa kwamabhasi eyathola u-R23 million.

Uchaze ukuthi imali ihanjiswa kanjani: u-75% ubuya emnyangweni ofake izimpahla, kanti u-25% uya kwa-SCM ngezindleko zokuphatha kanti nomthengisi uthola ikhomishini yakhe.

UPhumzile Xaba, uMqondisi wephrojekthi ye-Auction Specialist, uthe bazibophezele ekukhuleni komnotho wezakhamizi ezazincishwe  amathuba ngaphambili.

U-Xaba uthe: “Kuyajabulisa ukubona laba bathengi bekhula besebenzisa izimpahla abazithenge kuma Auction eTheku. Lokhu kuyinzuzo enkulu yokusebenzisana kwethu.”

ITheku selibhale amaAuction amahlanu kulesi sikhathi sezezimali sika-2024/25. Ulwazi mayelana nama-Auction  ezayo lutholakala kuzinkundla zokuxhumana zikaMasipala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *