SHEILA MHLONGO
UMphathi Dolobha waseThekwini uMnu. Musa Mbhele ngoLwesibili lomhlaka-7 Meyi 2025 ugasele kungazelelwe edepho yokuqokelela amanzi emvula eMlazi (uMlazi Roads and Stormwater Depot) Lokhu kuyingxenye yomkhankaso okuqondwe ngakho ukuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezindingo kubantu nokufeza umbono weTheku wokuba idolobha elinakekela kakhulu nelihloniphekile e-Afrika.
UMphathi Dolobha, ehambisana nezikhulu ezivela eMnyangweni Wezabasebenzi uxoxe nabasebenzi baseDepho ukuze aqonde izinselele ezivimba ukuhlinzekwa kahle kwezinsiza ezibalulekile emphakathini.
LeDepho yase-uMlazi isiza izindawo ezifaka phakathi i-uMlazi, i-Isiphingo, iMalukazi neLamontville. Izinsiza ezihlinzekwayo zifaka phakathi ukulungiswa kwemigwaqo, ukuphathwa kwamanzi ezimvula, ukulungiswa kukakhonkolo, ukuhlanzwa kwemisele evulekile, ukufakwa kwezimpawu zomgwaqo kanye nokulungiswa kwezimbobo emigwaqweni.
UMbhele uthe ukuvakashelwa bekudingekile ngenxa yezinselele zokuhlinzekwa kwezinsiza ezibhekene nemiphakathi.
“Lokhu kuyingxenye yomgomo wethu ongabekezeleli ukungahlinzekwa kwezinsiza okuye kwathinta ukusebenza kahle.” esho kanje.
Uphinde wathi njengomphathi ophethe izimali zeDolobha umsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi iminyango iyasebenza kahle ngokubambisana futhi nabasebenzi bayasekelwa ukuze bakwazi ukuhlinzeka ngezinsiza ezisezingeni.
Ezinye zezinkinga eziphakanyisiwe zifaka phakathi izinselelo zengqalasizinda, izindaba eziphathelene nabasebenzi kanye nokubambezeleka kwezinsiza ngenxa yokuphindaphindeka kwemisebenzi phakathi kweminyango.
UMphathi weDepho yase-uMlazi, uMoses Cele wamukele lolu hambo nakuba belungalindelekile ngaphandle kwesaziso.
“Khona kube yisenzo esihle ukuthi ubuholi buqonde umsebenzi wethu wansuku zonke nezinkinga esibhekene nazo. Uma abaphathi bebona isimo esisebenza naphansi kwaso lapha phansi kuletha ithemba futhi kuqinisekisa ukuthi kungalethwa uhlelo olufanele lokuseseka emsebenzini wethu. Sizoqhubeka nokuzibophezela ekunikezeni izinsiza emphakathini,” esho kanje.
Izakhamizi zingabika izinkinga kuMnyango Wezindlela Namanzi Ezimvula ngokushayela inombolo yamahhala ethi: 080 131 3013 noma nge-imeyili ku: Eservices@durban.gov.za.

